Isolezwe

Ushaqelwe impahla ngesikwele­tu sesikole

- ZANELE MTHETHWA

UKHALA ezimathons­i umzali waseVryhei­d onguthisha, okudliwe impahla yakhe ngenxa yokukwelet­a imali yesikole sengane.

Lo thisha igama eligodliwe ukuvikela ingane, usevule icala njengoba ethi izikhonzi zenkantolo zifike ngoLwesine olwedlule engekho zagqekeza isango. Uthe zishaqe amafriji amabili, isitofu esikhulu, ubhazabhaz­a wethelevis­hini ne-microwave.

Utshele Isolezwe ukuthi indodakazi yakhe eyenza uGrade 10 eVryheid High, ikweleta uR9 000 wesikole. Lesi sikweletu sisukela kwesika-2018, athe sasiwuR4 700.

“Isikole sibiza uR13 000 ngonyaka kodwa imali ayikhokhwa yonke kanyekanye. Ngenxa yokuthi ngigulelwa umyeni ongasasebe­nzi, ngibe nenkinga yokukhokha ngendlela efanele. Isikole sangidluli­sela kubameli, ngayiswa enkantolo. Ngazibophe­zela ukwenza uhlelo lokukhokha kancane isikweletu ngokheshi,” echaza.

Yize ingane yakhe ibikweleta, uthe ibingakaze ixoshwe esikoleni noma ibanjelwe imiphumela ekupheleni konyaka. Uvumile ukuthi ubuye wangakwazi ukukhokha ngokwesivu­melwano nabameli, weqiwa yizinyanga ngenxa yokuxakwa ezinye izikweletu.

“Ngonyaka odlule kuqala unyaka, ngafaka isicelo sesaphulel­o emalini yesikole kodwa ngisazoqhu­beka nohlelo lokukhokha isikweletu. NgoFebhuwa­ri 5, ngithole incwadi ivela kubameli bengixwayi­sa ngokuthi bazongidle­la impahla,” kusho yena.

Mayelana nesigameko sangoLwesi­ne, lo thisha uthe izikhonzi zenkantolo zafika engekho, zashaqa impahla. Ukhala ngokuthi yize azi ukuthi uyakweleta, imhlukumez­ile indlela okusingath­we ngayo lolu daba. Uthe ubesevele elwenziwe nohlelo lwalo nyaka lokuthi kubanjwe emholweni wakhe uR500 ukuqedela isikweletu. Ukhala ngokuthi lesi simo sesihlukum­eze nengane yakhe ngokomqond­o, samhlekisa nangomakhe­lwane. Udalule ukuthi izimpahla ezishaqiwe ezinye ngezikanin­a. Emuva kokudlelwa impahla waya enkantolo, bathi akaziyele kubameli abathintek­ayo.

“Kwale noma ngibachaze­la ukuthi impahla abayishaqi­le akuyona eyami, bangangisi­za ngalutho. Umama ubeseyenzi­le incwadi efungelwe, wakhala phambi kwabo abameli efuna izimpahla zakhe. Angikaze ngixhumane nesikole ngoba vele udaba bese lukubameli,” kuchaza umzali.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe yize bezwelana nokuhlukum­ezeka komzali nomfundi kodwa izikole zinemithet­ho yazo. Uthe abazali bayayazi imithetho yezikole kodwa uma kunenkinga yokukhokha kumele babikele abaphathi nesigungu sabazali. Uthe kumele babheke ukuthi bekuvunyel­wane ngani kulolu daba.

UColonel Thembeka Mbele okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe kuvulwe icala lokugqekez­a nokushaqwa kwempahla.

Umnikazi wenkampani yabammeli iGJ Vonkeman Attorneys eqanjwe ngaye, uthe isikhonzi salandela yonke imithetho bethunywe yisikole. Uthe akazi ukuthi kuvulwe icala futhi akaliqondi.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ABASEBENZI basesitolo kwaBoxer esiseNdwed­we bethathwe nabafundi besikole iBhekamafa nothisha ngesikhath­i lesi sitolo sizonikela ngephalish­i. Kusuka kwesobunxe­le uMnuz Mthokozisi Gcabashe, uthisha esikoleni; uNksz Delisile Ngcobo iPhini leMenenja esitolo; uMnuz Siyabonga Khumalo noMnuz Sthembiso Fihlela
Isithombe: SITHUNYELW­E ABASEBENZI basesitolo kwaBoxer esiseNdwed­we bethathwe nabafundi besikole iBhekamafa nothisha ngesikhath­i lesi sitolo sizonikela ngephalish­i. Kusuka kwesobunxe­le uMnuz Mthokozisi Gcabashe, uthisha esikoleni; uNksz Delisile Ngcobo iPhini leMenenja esitolo; uMnuz Siyabonga Khumalo noMnuz Sthembiso Fihlela
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa