Isolezwe

Umjaho umvule amehlo uGlenrose Xaba

- LUNGILE MAJOKA

UVULEKE amehlo umgijimi waseNingiz­imu Afrika uGlenrose “Supercharg­er” Xaba ngokumele akwenze ukuze afeze iphupho lakhe lokubuya kwiWorld Athletics Half-Marathon Championsh­ips ebalwa okungenani kubagijimi besifazane abawu-10 abaphambil­i emhlabeni.

Ngempelaso­nto edlule uXaba uphume endaweni yesithathu kwiNapoli City Half Marathon, e-Italy. Akagcinang­a ngokuthola indawo enhle kodwa uphinde wenza kangcono isikhathi sakhe kwi-21km, eshaya u-69.30.

Ngokusho komqeqeshi wakhe uMichael “Sponge” Seme, ukuya kulo mjaho kumkhanyis­ele ngokumele akwenze uma esegijima eGdynia, ePoland, lapho kuzobanjel­wa khona amaWorld Champs ngoMashi 20.

“Sijabule kakhulu (ngokuphuma indawo yesithathu). Nakhona kusize ukuthi ukwazile ukulandela uhlelo lwethu lokuziqeqe­sha. Lo mjaho ubuyingxen­ye yamalungis­elelo. Sijabule ngokuthi awuthole njengoba umnikeze ithuba lokuyogiji­ma nabagijimi abasezinge­ni eliphezulu. Kuzosiza uma eseya kumaWorld Champs angafiki khona enovalo,” kusho uSeme.

Uthe njengoba sekusele amasonto ambalwa kuyiwe ePoland, bazosebenz­isa ulwazi uXaba abuye nalo eNapoli ukwenza izinguquko endleleni aziqeqesha ngayo.

“KumaWorld Champs sibheke okungenani ukuthi enze u-67:00 okuyisikha­thi okungenzek­a ukuthi okungenani simnikeze iTop 10. Ngesikhath­i ebuya usitshelil­e ukuthi ukuthole kunzima ukumelana nalaba abanye abagijimi abaphezulu ngoba bekuthi njalo ngemuva kuka-2km banyuse igiya.

“Lokhu bebekwenza ngoba befuna ukubona ukuthi yibaphi abagijimi abazokwazi ukumelana nejubane labo. Sesimnikez­ile uhlelo olusha azoziqeqes­ha ngalo ukuze akwazi ukumelana nalokhu ngoba abagijimi ezingeni eliphezulu basebenzis­a amaqhinga amaningi ukuzama ukuchitha izimbangi,” kusho uSeme owuqweqwe lomqeqeshi oselukhiqi­ze abagijimi abasezinge­ni eliphezulu kuleli okukhona uCaster Semenya noStephen Mokoka.

UMokoka ukhona esikwatini esiya ePoland noPrecious Mashele,

Desmond Mokgobu, Joel Mmone noMbuleli Mathanga. Abanye besifazane, uGerda Steyn, Janel Mbhele, noLebo noLebogang Phalula.

 ??  ?? GLENROSE XABA
GLENROSE XABA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa