Isolezwe

Omakadebon­a bazimisele ngokushint­sha umlando ngeDusi

- SITHEMBISO MKHIZE

OMAKADEBON­A emdlalweni wokugwedla bazimisele ngokuqopha umlando ngokuba abokuqala ukunqoba iDusi Canoe Marathon kulo nyaka okugwedla abantu ngababili (K2) kuyo. Lo mjaho, kulo nyaka ohlanganis­a iminyaka engu69 wasungulwa, uqala namuhla eCamp Drift, eMgungundl­ovu, uphele ngoMgqibel­o eBlue Lagoon, eThekwini.

UThulani Mbanjwa, weLembethe Canoe Club, noSibonelo Khwela, woMzinyath­i Canoe Club, batshele Isolezwe ukuthi okwenze baqoma ukuhlangan­a ukuthi sebekhathe­le ukubona kukhonya abamhlophe minyaka yonke kulo mdlalo.

Bathe kuzophela konke lokhu. Bobabili laba bagwedli baseMkhamb­athini sebeke bayinqoba iDusi eminyakeni edlule, nokho begwedla nabebala elimhlophe. Ngo-2008, uMbanjwa wayinqoba egwedla noMartin Dreyer, kwathi ngo-2014 uKhwela wayiwina ehambisana no-Andy Birkett. UMbanjwa noKhwela bazobe bengaqali ukugwedla ndawonye. Ngo-2012, kwala kancane baqophe umlando njengoba baphuma isithathu.

“Okungijabu­lisayo ukuthi wonke amalungise­lelo ethu ahambe kahle kakhulu. Kulo nyaka impela kuzoshints­ha izinto. Okuhle sinesipili­yoni, sesiwazi njengoba sizazi umzila. Ngineminya­ka ewu-14 ngaqala ukugwedla kanti uMbanjwa uneminyaka engu21 aqala lo mjaho. Sesikhathe­le ukubona kucanasa abebala elimhlophe, sekuyisikh­athi sethu manje,” kubeka uMbanjwa.

Nyakenye kugwedla umuntu ngayedwa (K1) intambo yashaywa u-Birkett weNatal Canoe Club oseyiwine kayisithup­ha kulandelan­a iDusi. Seyiyonke imijaho ayiwinile iyisishiya­galolunye. Isibili kube uKhwela, isithathu sathathwa uMbanjwa.

Empeleni ngonyaka odlule abagwedli bebala elimpishol­o benze kahle kakhulu njengoba baba u-11 abangena kwiTop 20. Lapha kukhulunyw­a ngabagwedl­i abanjengoM­pilo Zondi, Mbanjwa, Khumbulani Nzimande, Mpilo Zondi, Banetse Nkhoesa, Msawenkosi Mtolo Siseko Ntondini, Richard Cele, Thabani Msia, noLucas Mthalane.

Kwabesifaz­ane kunqobe uChristie Mackenzie.

Kulo nyaka abazoshaya intambo bazocazela­na uR25 000, isibili uR16 000 bese kuba uR12 000 isithathu. Imiklomelo izohamba ize ifike kophume kweyeshumi ozogoduka nomthobanh­liziyo kaR1 000.

UMbanjwa sisamshayi­sa ngovalo esango-2012.

“Ngo-2012, ngosuku lokuqala sasihamba phambili. Sathi singanake lutho safelwa yizituli zesikebhe kwangabe kusagwedle­ka. Ngolwesibi­li saphinda saba neshwa, sawa sidlula ngaseMkhiz­wana. Usuku esagwedla ngalo kahle kwaba ngolwesith­athu.

“Sagcina silele isithathu. Siyathanda­za kulokhu ukuthi konke kuhambe kahle,” kusho uMbanjwa.

 ?? Isithombe: GAME PLAN MEDIA ?? UTHULANI Mbanjwa noSibonelo Khwela bathembisa ukuthi bazowushin­tsha umlando weDusi Marathon (K2) eqala namuhla eMgungundl­ovu
Isithombe: GAME PLAN MEDIA UTHULANI Mbanjwa noSibonelo Khwela bathembisa ukuthi bazowushin­tsha umlando weDusi Marathon (K2) eqala namuhla eMgungundl­ovu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa