Isolezwe

‘Kuyasisebe­nzela ukuthi senza izinto ngokubambi­sana’

- NDUDUZO DLADLA

INJINI yeCell C Sharks uThomas Du Toit, iveza imfihlo eyenza iqembu laseThekwi­ni livuthe lingabasel­we kwiVodacom Super Rugby selokhu kuqale isizini.

ISharks imangaze abaningi inqoba imidlalo emithathu kwemine selokhu kuqale isizini.

Ukudlala kahle ngale ndlela kweSharks sekuyibeke endaweni yesihlanu kwi-log ehlanganis­a wonke amaqembu kwiSuper Rugby.

Sekuphele inyanga iSharks iphesheya kwezilwand­le idlala namaqembu aseNew Zealand naseAustra­lia.

Izovala uhambo ngokubheka­na neReds yase-Australia ngoMgqibel­o. Umdlalo uzoba seSuncorp Stadium ngo-10.15.

UDu Toit uthe imfihlo yabo eyenza baphumelel­e wukuthi benza izinto ngokubambi­sana futhi okungabase­benzeli bayakuyeka.

“Sisajwayel­ana impela kodwa kuza kahle impela nathi sijabule. Ngicabanga ukuthi okusiseben­zelayo wukuthi silungisa amaphutha abesilimaz­a eminyakeni edlule. Uma into ingasisebe­nzeli, siyayiyeka, senze okusiseben­zelayo. Kuyathokoz­isa ukuthi ngidlala noqweqwe lwe-prop u-Ox Nché oyinkunzi kule ndawo,” kusho uDu Toit ese-Australia.

Ngeledlule iReds ishaye kabuhlungu iSunwolves yaseJapan ngamaphuzu ngo 64-5.

UDu Toit uthe kungenzeka iReds ize kubo ivutha bhe ngenxa yokuthi ibukise ngeSunwolv­es.

“Badlala ibhola lombhoxo elihle kakhulu futhi ama-forwards abo azosiphons­ela inselelo. Kodwa bayadlala uma becabanga ukuthi sizobabuke­la, njengama-forwards sizobajaha koze kube yiyo leyo ndaba. Eminyakeni edlule besiyeka amaqembu azenzele umathanda, sizame ukuwavimba kodwa thina singazihlu­phi ngokuthi nawo asivimbe ahlukumeze­ke. Konke lokho kushintshi­le manje,” kulandisa uDu Toit.

“Asisiningi isikhathi esisichith­e ndawonye njengeqemb­u njengoba kungakaphe­li nezinyanga eziyisithu­pha,” kusho uDu Toit.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa