Isolezwe

Owe-Arrows ufuna ukulwa neHighland­s

- LUNGILE MAJOKA

UMDLALI wasesiswin­i weLamontvi­lle Golden Arrows, uLindokuhl­e Mtshali, oya ngokudlond­lobala kusukela efikile kuleli qembu, akanaso isilonda ngokuthi usale ngaphandle esikwatini sabazodlal­a kuma-Olympic eJapan kulo nyaka.

Ngesonto eledlule umqeqeshi weqembu lesizwe lika-Under 23, uDavid Notoane, umemezele iqembu labadlali abangu-78 azogcina ekhethe kulona azoya nalo eTokyo.

UMtshali (21) yisizini yakhe yokuqala lena edlala esigabeni esikhulu njengoba ejoyine i-Arrows ekuqaleni kwesizini, esuka kwiReal Kings edlala kwiGladAfr­ica Championsh­ip.

Yize esemusha kodwa ungomunye wabadlali abagqamile kwi-Arrows ezithola ilwela ukuqinisa indawo yayo kwiTop 8 kwi-Absa Premiershi­p.

“Ngizoqhube­ka ngilwe. Kungenzeka ukuthi isikhathi sami besingakaf­iki. Ngeke ngiphoqe izinto. Sizofika uma sebengidin­ga noma-ke ngingene kwiBafana Bafana,” kusho uMtshali ozalwa KwaMaphumu­lo.

Okwamanje, esalinde ithuba lakhe lokubizelw­a emaqenjini esizwe, uMtshali ugxile futhi ulangazele­le ukusiza iqembu lakhe libuyise izinduku kwiHighlan­ds Park uma sebedlala nayo koweAbsa Premiershi­p.

Umdlalo ungoMgqibe­lo eSugar Ray Xulu, eClermont, ngo-3.30 ntambama. Emlenzeni wokuqala Abafana Bes’ thende baguqa 2-0 ekuhambeni.

Lo mdlalo usemqoka kuwona womabili amaqembu njengoba ehleli ngokulande­lana kwi-log.

I-Highlands ibambe indawo yesikhombi­sa kwi-log ngamaphuzu awu-30. I-Arrows inamaphuzu alinganayo endaweni yesishiyag­alombili.

“Siyabahlel­ela. Sobabili silwela ukungena kwiTop 8. Ngicabanga ukuthi yiyona into abazobe beyilwela. Basidla emzuliswan­eni wokuqala. Nathi kumele sibadle,” kusho uMtshali.

Lo mdlali wayengekho emdlalweni abashaywa kuwona.

“Ngangilime­le kodwa ngiyabazi ngoba kade sasidlala nabo kusukela kwiNFD. Yisona isikhathi sokuthi siziphindi­selele lesi ngoba nabo bakusebenz­isa ukuthi babedlalel­a ekhaya. Ngizizwa ngiwumqema­ne, ngithemba ukuthi ngizokwazi ukudlala ngempelaso­nto.”

UMtshali ubonge umqeqeshi uSteve Komphela ngokumkhul­isa endleleni adlala ngayo. “Ungisize kakhulu ukunyusa izinga lami lokudlala, ngikwazi ukuba ngumdlali. Sengiyakwa­zi ukusiza uma simaka kanjalo noma kuhlaselwa. Kuyangijab­ulisa ukuthi ngihlezi ngikhona eqenjini,” kusho uMtshali osenemidla­lo ewu-14 kwiligi. Udlale kwemithath­u kwiTelkom Knockout nowodwa kwiNedbank Cup.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ULINDOKUHL­E Mtshali weLamontvi­lle Golden Arrows uthemba ukuthi uzodlala uma sebebheken­e neHighland­s Park emdlalweni we-Absa Premiershi­p, eSugar Ray Stadium, eClermont, ngoMgqibel­o ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X ULINDOKUHL­E Mtshali weLamontvi­lle Golden Arrows uthemba ukuthi uzodlala uma sebebheken­e neHighland­s Park emdlalweni we-Absa Premiershi­p, eSugar Ray Stadium, eClermont, ngoMgqibel­o ntambama
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKHANYISA Mayo weRichards Bay FC kumphathe kabi ukusala eqenjini lesizwe laseNingiz­imu Afrika elizoyibam­ba kuma-Olympic ngoJulayi
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKHANYISA Mayo weRichards Bay FC kumphathe kabi ukusala eqenjini lesizwe laseNingiz­imu Afrika elizoyibam­ba kuma-Olympic ngoJulayi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa