Umkhapheli weChiefs ufisa kunqobe yona
AKUJWAYELEKILE ukuthi umsocongi afisele isitha sakhe okuhle kodwa uJudas Moseamedi uphumele obala ngokuthi ufisa kuwine iKaizer Chiefs uma isibhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni wabakhaya baseSoweto.
Lo mdlalo uzoba seFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. UMoseamedi, ongumgadli weMaritzburg United, unuka iqaqa kubalandeli baMakhosi ngenxa yokuhlala ewacekela phansi uma ebhekene neTeam of Choice kule sizini.
Ushaye amagoli amabili ngesikhathi bewakhipha kwiTelkom Knockout nyakenye, waphinda washaya igoli ngesikhathi bedlala ngokulingana ngo 1-1 emdlalweni wokuvala u-2019. Izolo, uMoseamadi uveze ukuthi ukhule engumlandeli wokuqina wePirates kodwa inhliziyo yakhe ifuna kunqobe Amakhosi kulo mdlalo ongase ucacise ngeqembu elizodla isicoco sePremiership. Ukucosha amaphuzu amathathu kweChiefs kungayenza ivule igebe lamaphuzu, ibaleleke neMamelodi Sundowns esezithendeni zayo ngamane.
“Ngizobe ngeseka iChiefs ngoba ikusebenzele kanzima ukuba lapho ikhona. Ngicabanga ukuthi kuyifanele ukuwina iligi ngoba idlala kahle kule sizini,” kusho uMoseamadi.
“Ngikhule ngilandela i-Orlando Pirates kodwa uyazi umsebenzi wumsebenzi. Uma ngisenkundleni kufanele ngisebenzele iqembu ngoba linginike ithuba ngingasafunwa umuntu, bakholelwa kimina bathi angizodlala lapha. Njengoba ngihlala ngenza kwamanye amaqembu, uma ngizobhekana neChiefs ngizama ukusebenza kanzima ngokuphindiwe ukuze ngishaye igoli noma ngilakhele uzakwethu. Kuyenzeka ukuthi uma ngidlala neChiefs ngiba nomfutho kakhulu.”
UMoseamedi ufakwe eqenjini labadlali abangu-78 okuzoqokwa kubona isikwati sika-Under 23 esizomela iNingizimu Afrika kuma-Olympic azoqala nguJulayi eTokyo, eJapan. Umqeqeshi uDavid Notoane kufanele ahambise kwiFifa isikwati sabadlali abangu-22 ekuqaleni kukaJulayi.
“Ukuqokwa kuyinto enhle. Kukhombisa ukuthi kunento enhle engiyenzayo futhi abantu bayakubona lokho njengoba umqeqeshi weqembu lesizwe esengiqokile.
“Ngithemba ukuthi kuzongikhuthaza ukuthi nginyuse ukusebenza kanzima ukuze ngiqokelwe ama-Olympic.
Ukuya kuma-Olympic kungaba yinto enkulu kakhulu ngoba ngokwedlule kwakufanele ngiye kodwa ngangaqokwa kodwa ngaqhubela nokusebenza kanzima ngethemba lokuthi ithuba lizovela,” kusho uMoseamadi.