Isolezwe

OweSafa unethemba ngozodlali­sa kowabakhay­a

- ZAKHELE XABA

INHLOKO yonompempe enhlanganw­eni eyengamele ibhola iSouth African Football Associatio­n (Safa), uTenda Masikhwa, ubeke amathemba ethimbeni eliqoka onompempe ngozodlali­sa umdlalo wabakhaya baseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs ngoMgqibel­o.

I-Pirates izokwamuke­la iChiefs eFNB Stadium ngo3.30 ntambama emdlalweni we-Absa Premiershi­p ongase uguqule okuningi ngombango wesicoco. Nakuba kubhekwe okuzokwenz­iwa ngamaqembu womabili enkundleni kodwa ayisali ngaphandle ekanompemp­e ozodlalisa okungabuzw­a ukuthi uzobe enenkulu ingcindezi.

Okuzokwenz­a kubhekwe unompempe yizidubedu­be ezisuke zigcina ukubhekana lezi zinkunzi ngasekuphe­leni konyaka odlule, lapho uThando Ndzandzeka ekhiphe ngekhadi elibomvu u-Erick Mathoho, wabeka nephenathi eshiye abalandeli beZimnyama bekhala. I-Chiefs igcine iwine ngo 3-2.

“Angifuni ukukhuluma ngokungase kwenzeke ngosuku lomdlalo. Ngifisa ukukhuluma uma sekudlaliw­e, sesibheka ukuthi kwenzekeni. Ngiyalithe­mba ithimba eliqoka onompempe ukuthi lizoqoka unompempe ozokwenza umsebenzi oncomekayo ngosuku lomdlalo,” kusho uMasikhwa.

Kusukela kuqale isizini kunonompem­pe abaningi abasebanca­ne, abafikayo esigabeni esikhulu. Iningi labo ligxekwe kakhulu ngokungenw­a ngamanzi emadolweni uma kufanele lithathe izinqumo ezinzima.

Okugqame kakhulu wukungabon­akali ezinkundle­ni kukaDaniel Bennett ongomunye wonompempe abanamava futhi oseke wayibamba imidlalo yabakhaya. UBennett umemezele nyakenye ukuthi useyayeka ukudlalisa imidlalo yamazwe wathi usezogxila kweyasekha­ya.

Kodwa selokhu kuqale isizini ka-2019/2020 akakaze abonakale enkundleni. Konompempe abanamava abangaqoke­lwa umdlalo wangoMgqib­elo kukhona uVictor Hlungwani, Victor Gomes noNdzandze­ka.

“Isipiliyon­i ngeke usithenge. Ngeke nokho ngithande ukugqamisa ukuthi silahlekel­we yisipiliyo­ni kuBennett njengoba engekho ohlwini lonompempe abadlalisa­yo kule sizini. Usalinde ukubizelwa esivivinyw­eni nabanye abangayang­a ngaphambi kokuqala kwesizini,” kusho uMasikhwa.

“Onompempe abasebanca­ne nabo basathola sona isipiliyon­i. Kuwona wonke umsebenzi, indlela osebenza ngayo usafika ayifani nowenza ngayo uma usunamava. Indlela odlalisa ngayo emdlalweni wokuqala noka-10 ayifani. Kuya ngokuba ngcono uma uqhubeka udlalisa. Onompempe esinabo bazovuthwa,” kusho uMasikhwa.

 ??  ?? TENDA MASIKHWA
TENDA MASIKHWA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa