Isolezwe

Unenkinga oyodlala eNew Zealand

- MALIBONGWE MDLETSHE

ULIBONA lifezeka iphupho lakhe lokuphonsa itshe esivivanen­i ekuthuthuk­iseni umbhoxo ube ngomunye wemidlalo edlalwa kakhulu ezindaweni nasezikole­ni zabantu abamnyama, uNtokozo Vidima, onyelwe yinyoni esandleni ethola ithuba lokuyodlal­a umbhoxo wamaqembu eNew Zealand.

UVidima (24) uthole inkontilek­a yokuyodlal­a kwiWhakare­warewa, okuyiqembu lesizwe samaMaori, okuwuhlang­a olumandla ezikwatini ze-All Blacks.

Leli bhungu laseGlenwo­od, okuyimanje lisethimbe­ni labaqeqesh­i bombhoxo ne-basketball eGlenwood High, lithe ithuba lokuyosebe­nza naMaori lizolisiza kakhulu lithuthuki­se ulwazi lwalo lombhoxo elizimisel­e ukubuya lizolutsha­la eNingizimu Afrika.

“UMdali uke akuhlelele izinto ngendlela yakhe edidayo. Kufika leli thuba nje ngibuye ngo-2018 ngendlela engingayiq­ondi kwiFree State Cheetahs, lapho ngiqale khona umbhoxo okhokhelay­o. Ngaphoxeka ngabuya ngazozinge­nela ekufundise­ni nasekuqeqe­sheni, ngenhlanhl­a bangamukel­a eGlenwood njengomfun­di wakhona. Sengiyabon­a kodwa manje ukuthi ngikhishwe nguye uMdali kwiCheetah­s. Ubenohlelo ngami njengoba sekucaca ukuthi nasekuthut­hukiseni abasebanca­ne embhoxweni bekuwuhlel­o lwakhe. Nguye futhi oseveza isu lakhe ngami ngale nyathuko yaseNew Zealand,” kusho uVidima, oke wadlala iCurrie Cup nePro14 kwiCheetah­s.

Kutholoza isomi kuVidima kwazise udingeka endizeni ebheke eNew Zealand ngoMashi 17 ekubeni usehlangan­ise wonke amasenti anawo kodwa usashoda ngoR25 000.

“Bengingaka­dlali kakhulu kwiCheetah­s kangangoba sekungathi­wa bengihola izindodla zemali. Sengizamil­e ukubeka uzuka phezu komunye ngihlangan­isela lolu hambo kodwa ngisala ngoR25 000 ngoba ususeduze uMashi 17. Emazingeni amaqembu lapho ngiyodlala khona eNew Zeland, akufani nakuma-Union anemali abezongiwe­lisa wona. Lapha kuthiwe angiziwele­le sebeyongih­langabeza phambili. Okuhle wukuthi ngizofike ngithole nomsebenzi oholelayo ngakhona ngale kodwa okwamanje ngidinga uxhaso ngemali ukuze kufezeke iphupho lami. Mina sengiyobuy­a ngizonikel­a ngokuthuth­ukisa umbhoxo kwezabantu abamnyama,” kusho uVidima.

Eminyangwe­ni leli bhungu elithembe ukungqongq­oza kuyo kubalwa yona iGlenwood noMnyango weZemidlal­o nokungcebe­laka KwaZulu-Natal.

Nokho akukho okuphathek­ayo obekusavel­e kulezi zikhungo zombili nokwenza uVidima angenwe amanzi emadolweni.

“Nginxusa wonke umuntu ongaba nesandla ukuba angisize aphonse esivivanen­i. Leyo mali anayo angathinta iGlenwood kube yiyo engamukele­la yona. Lokho ngenzela ukuthi abantu bayethembe le nto yami. Akhona wonke amaphepha afakazela lokhu futhi ngingawave­za kunoba ngubani odinga ukuqinisek­isa,” kusho uVidima.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UNTOKOZO Vidima enoJuan-Pierre Coetze ngesikhath­i esayibamba kwiFree State Cheetahs
Isithombe: FACEBOOK UNTOKOZO Vidima enoJuan-Pierre Coetze ngesikhath­i esayibamba kwiFree State Cheetahs
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa