Isolezwe

OweBay FC udangele ngokusala kwelikaNot­oane

- NDUDUZO DLADLA

UMGADLI weRichards­Bay FC, uKhanyisa Mayo, uphoxekile ngokungame­nyezelwa esikwatini seqembu lesizwe lika-Under 23 sikaDavid Notoane lapho ememezele khona abadlali abangu-78 abazobanga izikhala ezingu-23 njengoba kubhekwe kuma-Olympic azoba seTokyo, eJapan, ngoJulayi.

Ngokusho kukaMayo, nakuba edangele ngokusala kodwa lokho akuzomenza ehlise indlela adlala ngayo, empeleni uyakhuthaz­eka ukuthi ahlohle amagoli kakhulu kunakuqala.

UMayo (21) usevalele phakathi amagoli ayisishiya­galombili kwiGladAfr­ica Championsh­ip.

Kula magoli kubalwa amahlanu awashaye esekwiRoya­l Eagles, namathathu awashaye kwiNatal Rich Boyz.

Engxoxweni uMayo abe nayo naleli phephandab­a, wakubeka kwacaca ukuthi njengoba edlalele amaqembu esizwe emazingeni aphansi, unesifiso sokukhuphu­kela kwi-Under 23.

“Umqeqeshi weqembu lesizwe (uNotoane), uyaxhumana nabaqeqesh­i nabaphathi beBay, ezwe ukuthi ngidlala kanjani. Vele ngiyafisa ukudlalela iqembu lesizwe, kuyiphupho lawo wonke umdlali. Okubalulek­ile ukuthi ngiqhubeke nokushaya amagoli, ngilekelel­e iqembu lami ngoba sifuna ukuqeda endaweni enhle kwiGladAfr­ica Championsh­ip,” kulandisa uMayo.

Izolo leli phephandab­a libe nengxoxo noMayo, nalapho ekuveze khona ukuthi noma ephoxekile kodwa kusengenze­ka noma yini kulezi zinyanga ezisele ngaphambi kwama-Olympic.

“Yebo ngiphoxeki­le impela kodwa lokho akusho ukuthi kuphelile. Kusengenze­ka noma yini kulezi zinyanga ezisele ngaphambi kwama-Olympic. Empeleni mina ngiyakhuth­azeka ukuthi ngishaye amagoli, ngidlale kahle ukuze ngizophind­e ngithathe iso lomqeqeshi welesizwe. Ngiyakujab­ulela ukuthi ngisemncan­e futhi kufanele ngikuseben­zise ukuthi ngisemncan­e ngendlela efanele,” kusho uMayo izolo.

Umdlalo olandelayo weBay izowudlala nabakhaya iRoyal Eagles ngesonto elizayo eMhlathuze Sports Complex ngoMashi 8.

Imidlalo yeGladAfri­ca Championsh­ip:

Kusasa: Cape Umoya United v Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila (Athlone Stadium, 3.30pm)

NgoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama: Free State Stars v Real Kings (Goble Park); Uthongathi FC v Pretoria University FC (Princess Magogo Stadium); Mbombela United v JDR Stars (Kanyamazan­e Stadium); Steenberg United v Richards Bay (Athlone Stadium)

NgeSonto ngo-3.30 ntambama: Jomo Cosmos v Ajax Cape Town (TBA); Royal Eagles v Swallows FC (Harry Gwala Stadium); TS Galaxy v TS Sporting (Kameelrivi­er Stadium)

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa