Isolezwe

Umkhapheli weChiefs ufisa kunqobe yona

- ZAKHELE XABA

AKUJWAYELE­KILE ukuthi umsocongi afisele isitha sakhe okuhle kodwa uJudas Moseamedi uphumele obala ngokuthi ufisa kuwine iKaizer Chiefs uma isibhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni wabakhaya baseSoweto.

Lo mdlalo uzoba seFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama. UMoseamedi, ongumgadli weMaritzbu­rg United, unuka iqaqa kubalandel­i baMakhosi ngenxa yokuhlala ewacekela phansi uma ebhekene neTeam of Choice kule sizini.

Ushaye amagoli amabili ngesikhath­i bewakhipha kwiTelkom Knockout nyakenye, waphinda washaya igoli ngesikhath­i bedlala ngokulinga­na ngo 1-1 emdlalweni wokuvala u-2019. Izolo, uMoseamadi uveze ukuthi ukhule engumlande­li wokuqina wePirates kodwa inhliziyo yakhe ifuna kunqobe Amakhosi kulo mdlalo ongase ucacise ngeqembu elizodla isicoco sePremiers­hip. Ukucosha amaphuzu amathathu kweChiefs kungayenza ivule igebe lamaphuzu, ibaleleke neMamelodi Sundowns esezithend­eni zayo ngamane.

“Ngizobe ngeseka iChiefs ngoba ikusebenze­le kanzima ukuba lapho ikhona. Ngicabanga ukuthi kuyifanele ukuwina iligi ngoba idlala kahle kule sizini,” kusho uMoseamadi.

“Ngikhule ngilandela i-Orlando Pirates kodwa uyazi umsebenzi wumsebenzi. Uma ngisenkund­leni kufanele ngisebenze­le iqembu ngoba linginike ithuba ngingasafu­nwa umuntu, bakholelwa kimina bathi angizodlal­a lapha. Njengoba ngihlala ngenza kwamanye amaqembu, uma ngizobheka­na neChiefs ngizama ukusebenza kanzima ngokuphind­iwe ukuze ngishaye igoli noma ngilakhele uzakwethu. Kuyenzeka ukuthi uma ngidlala neChiefs ngiba nomfutho kakhulu.”

UMoseamedi ufakwe eqenjini labadlali abangu-78 okuzoqokwa kubona isikwati sika-Under 23 esizomela iNingizimu Afrika kuma-Olympic azoqala nguJulayi eTokyo, eJapan. Umqeqeshi uDavid Notoane kufanele ahambise kwiFifa isikwati sabadlali abangu-22 ekuqaleni kukaJulayi.

“Ukuqokwa kuyinto enhle. Kukhombisa ukuthi kunento enhle engiyenzay­o futhi abantu bayakubona lokho njengoba umqeqeshi weqembu lesizwe esengiqoki­le.

“Ngithemba ukuthi kuzongikhu­thaza ukuthi nginyuse ukusebenza kanzima ukuze ngiqokelwe ama-Olympic.

Ukuya kuma-Olympic kungaba yinto enkulu kakhulu ngoba ngokwedlul­e kwakufanel­e ngiye kodwa ngangaqokw­a kodwa ngaqhubela nokusebenz­a kanzima ngethemba lokuthi ithuba lizovela,” kusho uMoseamadi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UJUDAS Moseamedi weMaritzbu­rg United uthi ufisa kuwine iKaizer Chiefs uma isibhekene ne-Orlando Pirates kowomkhaya ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UJUDAS Moseamedi weMaritzbu­rg United uthi ufisa kuwine iKaizer Chiefs uma isibhekene ne-Orlando Pirates kowomkhaya ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa