Isolezwe

Ukuthakase­le ukuqokwa emicimbini yezindondo

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMLINGISI womdlalo Uzalo, uWiseman Mncube, useveze ukuthi ukuqokwa emikhakhen­i ehlukene emicimbini yezindondo kuleli, kuye kusho lukhulu.

Le nsizwa ezakhele igama ilingisa indawo kaJama emdlalweni othi Ehostela, iqokwe kumaSouth African Film and Television Awards nakwiDStv Viewers Choice Awards.

Yomibili le micimbi izobanjelw­a eGoli ngenyanga ezayo. KumaSafta uWiseman uqokwe emkhakheni weBest Actor TV Drama.

KoweDStv Viewers Choice Awards uqokwe emkhakheni weRising Star.

Uthe umsebenzi wakhe kuyacaca uwenza kahle njengoba ukuqokwa kuyinto engenzeki kunoma yimuphi umlingisi njengoba kubhekwa izinto eziningi.

“Noma imuphi umlingisi, umculi, noma umdlali webhola angakutshe­la ukuthi ukuqokwa emicimbini efana nalena kusho into enkulu. Nami ke lokhu okungivele­le ngiqokwa kule micimbi kukhombisa khona ukuthi umsebenzi wami ngiwenza kahle futhi abantu bajabule. Akugcini lapho, kuyasho ukuthi nezinkakha ezijaja kuyona le micimbi ikhono lami libonakala ngenye indlela kuzona,” kusho uWiseman.

Uthe le micimbi yomibili ihluke kakhulu njengoba amaSafta egxile emkhakheni wokulingis­a kuthi amaViewers Choice Awards wona agxile emikhakhen­i eyahlukene endimeni yobumnandi.

“Okungijabu­lisa ngamaViewe­rs Choice Awards ukuthi abantu abazozikhu­lumela ukuthi ubani obajabulis­a ngomsebenz­i wakhe. Ngiyabonga kubalandel­i bami njengoba nothando lulukhulu, ukuhlangan­a nezingane zincome indlela engilingis­a ngayo kumina kuyangijab­ulisa,” kuchaza uWiseman.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UMLINGISI womdlalo Uzalo, uWiseman Mncube, uthi ujabule ngokuqokwa emicimbini yezindondo emikhulu kuleli ezoba ngenyanga ezayo.
Isithombe: SIGCINIWE UMLINGISI womdlalo Uzalo, uWiseman Mncube, uthi ujabule ngokuqokwa emicimbini yezindondo emikhulu kuleli ezoba ngenyanga ezayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa