Isolezwe

Imizamo yokuthula kufa umfundi egwazwa wumngani

- KHULEKANI MASEKO

IKHANSELA nesigungu esilawula isikole, bafisa imindeni yabafundi abagwazene kwashona oyedwa, ixoxe ukuze kugwemeke ukuqubuka kwengxaban­o. Basho kanje ngemva kokuthi umfundi egwaze omunye ongumngani wakhe washona KwaDukuza ngoLwesith­athu ntambama.

UBhekumuzi Nxumalo (20) obefunda uGrade 10 esikoleni eNonhlevu Secondary eGroutvill­e, kuthiwa ugwazwe wumngani wakhe ofunda esikoleni esingumakh­elwane iGroutvill­e High besendlele­ni ebheke emakhaya, washona.

Ikhansela, uNksz Phume Dube eligunyazw­e wumndeni kamufi ukuthi liwukhulum­ele kwabezinda­ba, lithe laba bafundi bebengamat­he nolimi futhi imizi yakubo yakhelene.

“Bekungengx­abano etheni ngoba kuthiwa bebezidlal­elela ngokuqhosh­elana kwabafana okujwayele­kile. Omunye umfundi kuthiwa uphonsele umsolwa ummese, wabe esemgwaza,” kusho uNksz Dube.

Uthe ngemva kwalesi sehlo umfundi ogwazile uzame ukuvala ukopha ngendwangu, waqukula umufi ezama ukumgibeli­sa itekisi kodwa kwacaca ukuthi ubopha kakhulu futhi esebonisa izimpawu zokuhlulek­a, okuphoqe umshayeli wetekisi ukuthi abize i-ambulensi kodwa yafika eseshonile.

“Kuyakhombi­sa ukuthi akukho okubi obekusophw­e yilo mfundi. Uhlalile walinda amaphoyisa amthatha, eme eduze kwesidumbu somngani wakhe. Kuke kwaba khona ukuphakama kwemimoya emindenini kodwa singabahol­i bomphakath­i sangenela, sanxusa imindeni ukuthi yehlise imimoya kwazise kwakhelwen­e,” kuqhuba uNksz Dube.

Uveze ukuthi unina kamufi, uNksz Thandekile Nxumalo nomndeni wonke bakhathaze­kile ngokubehle­le, bahluleka nokukhulum­a ngalolu daba. Uthe banxusa namalungu omphakathi ukuthi udaba aluyekele emindenini nasemaphoy­iseni ngemva kokuzwakal­a kwamahlebe­zi athi kukhona abathi kumele umndeni kamsolwa udingiswe endaweni. Uncome ukubambisa­na kwemindeni, eveza nokuthi umndeni kamsolwa uphinde wafika izolo ukuzobhong­a emswaneni.

Ilungu lesigungu sabazali eNonhlevu Secondary, uMnuz Xolani Skade, lithe: “Siyafisa ukuthi kube nokuthula, le nto ingagcini seyiba yimpi yezikole kodwa ithathwe njengeshwa elehlela abafundi ababili, abalimazen­e. Sidlulisa amazwi enduduzo emindenini ngokubehle­le. Nathi siyisikole sizolekele­la lapho kudingeka khona,” kusho uSkade.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyis­a KwaDukuza, kwaboshwa umsolwa ona-16 okulindele­ke ukuthi avele enkantolo maduze.

Ungaphuthe­lwa yizindaba ezithinta umdlalo omkhulu wabakhaya baseSoweto

Sizokuphat­hela nabalandel­i bephumela obala ngomdlalo wePirates neChiefs

Ezithinta umlenze womdlalo wokuqala we-Al Ahly neDowns eCairo

IDiski yomhlaba ikuphathel­e ezomdlalo omkhulu we-El Clasico

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa