Isolezwe

Injabulo kubuyisana izinhlanga­no zamatekisi

- MLUNGISI GUMEDE

KUSHUNYAYE­LWE indaba yobumbano emhlanganw­eni wesifundaz­we waminyaka yonke, yenhlangan­o yosomateki­si, iSouth African National Taxi Council (Santaco) eThekwini, izolo ngenhloso yokuqeda isihlava sokubulala­na ematekisin­i.

Izolo kuphinde kwethulwa amadodana olahleko abehlubuke kwiSantaco, ahamba ayobumba enye inhlangano yosomateki­si, iNational Taxi Allaince (NTA).

La malungu ahamba kwiSantaco ngoba kukhona izinto angeneme ngazo.

Obehola iNTA, uMnuz Jabulani Mazibuko, uthe bathathe isinqumo sokuthi babuyele ekhaya ngoba befuna ukuqinisa ubumbano embonini.

“Sibonile ukuthi ukuba khona kwezinhlan­gano eziningi, akuyakhi imboni kodwa kuyihlukan­isa phakathi, yingakho sinqume ukuthi siyivale iNTA sibuyele ekhaya elikhulu iSantaco, ukuze sisebenze ndawonye, sakhe ukuthula embonini yethu,” kusho uMazibuko.

Ethula inkulumo yakhe yokuvula umhlangano, uMengameli weSantaco, uMnuz Philip Taaibosch uthe kubaluleki­le ukubumbana embonini ukuze kuphele isihlava sokubulala­na nokuchithe­ka kwegazi.

“Siyangijab­ulisa isinqumo esathathwa ngabafowet­hu abebekwiNT­A, abanquma ukuthi babuyele ekhaya, ukuze sisebenze ndawonye sisebenzel­e ukuthula. Into engijabuli­sile kakhulu wukuthi abazange babuzwe ukuthi baphumaphi nokuthi babehambel­eni kodwa bamukelwe ngezandla ezimhlophe,” kusho uTaaibosch.

Uthe bayafisa ukuthi imihlangan­o yaminyaka yonke iqhamuke nezisombul­ulo ezingaleke­lela imboni ukuze ithuthuke.

UTaaibosch uthe ngeke bangabaze ukuyisa uhulumeni enkantolo, uma bebona ukuthi akafuni ukubalalel­a.

Uveze nokuthi bathathe nesinqumo sokudlulis­ela ophikweni oluphenya amacala akhethekil­e, iSpecial Investigat­ions Unit, umbiko kaMvikeli woMphakath­i othi ama-panel vans kumele aqedwe.

Uthe kukhona izinto abafuna zishintshw­e emthethwen­i kahulumeni, wokuthatha amaphuzu kwabenza amaphutha emigwaqwen­i.

“Thina sithi abashayeli abazithwal­ele amaphutha abo okushayela budedengu, thina sithwale amacala okuthi izimoto azikho esimeni,” kusho uTaaibosch.

 ?? Isithombe: MLUNGISI GUMEDE ?? KWESOBUNXE­LE wuMengamel­i wenhlangan­o yosomateki­si, iSouth African National Taxi Council (Santaco) uMnuz Philip Taaibosch nePhini likaSihlal­o weSantaco KwaZuluNat­al, uMnuz Sifiso Mthethwa, bathathwe besemhlang­anweni waminyaka yonke wenhlangan­o yabo eThekwini, izolo
Isithombe: MLUNGISI GUMEDE KWESOBUNXE­LE wuMengamel­i wenhlangan­o yosomateki­si, iSouth African National Taxi Council (Santaco) uMnuz Philip Taaibosch nePhini likaSihlal­o weSantaco KwaZuluNat­al, uMnuz Sifiso Mthethwa, bathathwe besemhlang­anweni waminyaka yonke wenhlangan­o yabo eThekwini, izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa