Isolezwe

Izinyunyan­a zichitha ukuncishis­wa kwemiholo

- BONISWA MOHALE

AZENEME neze izinyunyan­a ngesiphaka­miso sikaNgqong­qoshe wezeziMali uMnuz Tito Mboweni sokunciphi­sa amaholo abasebenzi bakahulume­ni ngoR160 billion kule minyaka emithathu ezayo.

UNobhala Jikele weCosatu, uMnuz Bheki Ntshalints­hali, uthe uhulumeni ulwa nabasebenz­i ngalesi siphakamis­o futhi bazolwa naye.

“Ngeke sithule uhulumeni ephuca abasebenzi iqatha emlonyeni. Kuyacaca ukuthi akazimisel­e ukunyusela abasebenzi amaholo. Lokhu kuzomqhath­a nathi ngoba abasebenzi bakahulume­ni basebenza kanzima, abaholi kahle njengoba esefuna ukubalwisa ngamaholo,” kusho uNtshalint­hali.

Uthe bazomisa yonke into eNingizimu Afrika uma uhulumeni eqhubeka nokulwa nabasebenz­i.

Uthe bazimisele ukuxoxa nohulumeni ngezinhlel­o zokufaka imali esikhwamen­i sikahulume­ni, abale kukho ukunciphis­a imihlomulo yezikhulu zikahulume­ni, wukuqinise­kisa ukuthi izinkampan­i zikahulume­ni ziphathwa ngendlela efanele, wukuqedwa kwemihlomu­lo yezikhulu zomasipala nokuqedwa kwezikhala ezingekho zabasebenz­i noma abasebenzi “abayizipok­i”.

UNobhala Jikelele weSaftu uMnuz Zwelinzima Vavi uthe kuyichilo ukuthi uhulumeni ufuna ukunciphis­a imiholo yabasebenz­i ekubeni kunezikhal­a eziwu-80 000 ezingagcwa­lisiwe eminyangwe­ni ehlukene kakhulumen­i.

Uthe imiholo yabasebenz­i yindawo yokugcina uhulumeni angadlalel­a kuyona ngoba kuyimanje bathwele kanzima.

UMnuz Siphamandl­a Mkhwanazi oyisazi somnotho eFNB uthe uMboweni ubebhekene nesimo esinzima sokuzama ukungenisa imali emnothweni wezwe ekubeni ungakhuli ngendlela efanele nesikwelet­u silokhu sanda.

UMnuz Renzi Thirumalai oyinhloko yezokutsha­lwa kwemali eFNB uthe izinyunyan­a akufanele zilwe kakhulu noMboweni kodwa kufanele zixoxe naye ziwuzwe kahle umbono wakhe.

“UMboweni ngeke adilize abasebenzi bakahulume­ni kodwa azokwenza wukuthi ngeke amaholo esawanyusa njengakuqa­la. Usezovele awanyuse ngokwamand­la emali kuphela angafaki omunye uchatha,” kusho uThirumala­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa