Isolezwe

ICosatu isola uhulumeni ngolweziti­mela

- BONISWA MOHALE

UMFELANDAW­ONYE wezinyunya­na zabasebenz­i iCosatu usole uhulumeni ngokushaya ngonyawo lonwabu ekulungise­ni izinkinga zezitimela ezithwala izigidi zabantu uma beya emsebenzin­i nasezikole­ni.

Ithe iyakwamuke­la ukutshalwa kukaR1.4 billion ozoqinisek­isa ukuthi kusentshen­ziswa ingqalasiz­inda yesimanje ngoba abasebenzi bafika sekudlule isikhathi emsebenzin­i bagcine sebexoshwa.

UNobhala jikele weCosatu, uMnuz Bheki Ntshalints­hali, uthe isigungu esiphezulu seCosatu sifuna uhulumeni atshale imali ethe xaxa kwezokuthu­tha ayeke ukwandisa ama-toll gates namaetolls awumthwalo emahlombe omphakathi.

Uthe bayawubona umsebenzi owenziwa wubuholi obusha ekulweni nenkohlaka­lo kodwa bakhathaze­kile ukuthi kuhamba kancane ukushushis­wa kwalabo abathintek­a enkohlakal­weni.

“Asihambisa­ni nokuthi kwelulwe isikhathi sokusebenz­a kwekhomish­ini yeJaji Raymond Zondo ngoba kufanele bashushisw­e abathintek­a enkohlakal­weni,” kusho uNtshalint­shali.

Uveze ukuthi bazobamba iqhaza ekulweni nodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane. Ucele uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi asebenzise isihlalo sakhe kwi-African Union ukuletha uxolo e-Afrika nokuhlonis­hwa kwamalunge­lo abasebenzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa