Isolezwe

‘Ngangineng­cindezi yokuthi ngisayine incwadi yamacala’

- ZINTLE MAHLATI

OWAYEBAMBE njengenhlo­ko yezokushus­hisa KwaZulu-Natal uthi kwakunengc­indezi ayebhekene nayo yokuthi asayine incwadi yasenkanto­lo yamacala obugebengu eyayingena­bo ubufakazi obanele mayelana namaphoyis­a akwaKito.

U-Advocate Simphiwe Mlotshwa ubethula ubufakazi kwikhomish­ini ephenya ngokulawul­wa kombuso yindlazana izolo. Uthe waba yibamba esikhundle­ni kusukela ngo-2010 kwaze kwaba uJulayi 2012.

Wafakaza ngonyaka odlule kwikhomish­ini kaMokgoro eyayipheny­a ukuthi abaphathi kwezokushu­shisa kuleli o-Advocate Nomgcobo Jiba noLawrence Mrwebi babekufane­le yini ukwenza umsebenzi.

Ubufakazi obathulwa nguMlotshw­a babumayela­na namaphoyis­a akwaKito okuthiwa ayebulala abantu.

Utshele ikhomishin­i ngocingo alushayelw­a ngu-Advocate Jiba, emcela ukuba asayine incwadi yasenkanto­lo yamacala.

Ekuhambeni kwesikhath­i u-Advocate Jiba, uMlotswha no-Advocate Andrew Chauke owayepheth­e ezokushush­isa eGauteng bahlangana. UMlotshwa wabe esetshelwa ukuthi asayine kodwa enganikezw­anga imininingw­ane ngamacala. UMlotshwa uthe wavuma ukusayina kodwa wacela ukuba umshushisi wecala amnikeze amaphuzu athize ngamacala ngaphambi kokuba asayine. Incwadi yamacala asenkantol­o yafika ingenayo imininingw­ane ngamacala wathi akazange asayine.

Okunye okwakungaj­wayelekile wukuthi kwalethwa abashushis­i ababevela eNorth West naseGauten­g ukuba baphathe icala elaliseKZN.

Uthe watshelwa ukuthi yingoba kunokukhat­hazeka kwezokuphe­pha uma icala lishushisw­a abaseKZN.

Uthe impilo yakhe yabe isengcuphe­ni esegadwa ngonogada yena nomndeni wakhe ngenxa yesikhundl­a ayesibambi­le.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa