‘Nganginengcindezi yokuthi ngisayine incwadi yamacala’
OWAYEBAMBE njengenhloko yezokushushisa KwaZulu-Natal uthi kwakunengcindezi ayebhekene nayo yokuthi asayine incwadi yasenkantolo yamacala obugebengu eyayingenabo ubufakazi obanele mayelana namaphoyisa akwaKito.
U-Advocate Simphiwe Mlotshwa ubethula ubufakazi kwikhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yindlazana izolo. Uthe waba yibamba esikhundleni kusukela ngo-2010 kwaze kwaba uJulayi 2012.
Wafakaza ngonyaka odlule kwikhomishini kaMokgoro eyayiphenya ukuthi abaphathi kwezokushushisa kuleli o-Advocate Nomgcobo Jiba noLawrence Mrwebi babekufanele yini ukwenza umsebenzi.
Ubufakazi obathulwa nguMlotshwa babumayelana namaphoyisa akwaKito okuthiwa ayebulala abantu.
Utshele ikhomishini ngocingo alushayelwa ngu-Advocate Jiba, emcela ukuba asayine incwadi yasenkantolo yamacala.
Ekuhambeni kwesikhathi u-Advocate Jiba, uMlotswha no-Advocate Andrew Chauke owayephethe ezokushushisa eGauteng bahlangana. UMlotshwa wabe esetshelwa ukuthi asayine kodwa enganikezwanga imininingwane ngamacala. UMlotshwa uthe wavuma ukusayina kodwa wacela ukuba umshushisi wecala amnikeze amaphuzu athize ngamacala ngaphambi kokuba asayine. Incwadi yamacala asenkantolo yafika ingenayo imininingwane ngamacala wathi akazange asayine.
Okunye okwakungajwayelekile wukuthi kwalethwa abashushisi ababevela eNorth West naseGauteng ukuba baphathe icala elaliseKZN.
Uthe watshelwa ukuthi yingoba kunokukhathazeka kwezokuphepha uma icala lishushiswa abaseKZN.
Uthe impilo yakhe yabe isengcupheni esegadwa ngonogada yena nomndeni wakhe ngenxa yesikhundla ayesibambile.