Isolezwe

Umfundi ugwaze omunye ngesikele ekhanda

- NONTUTHUKO NGUBANE

UFUNA aboshwe umfundi (10) umzali womfana ogwazwe ngesikele ekhanda sabhajwa ebuchoshwe­ni.

USiyanda Hlongwane (11), ofunda e-Ashdown Primary, uyelashwa esibhedlel­a emuva kokulimala ngesonto eledlule.

Kuthiwa ingxabano yabangani abahlala ngandawony­e iqale phambi kwabafundi.

Unina kaSiyanda, uNksz Mbalenhle Hlongwane (28), obekhuluma esesibhedl­ela, uthe yize esemncane umfundi ogwaze ingane yakhe kodwa kumele ajeziswe ukuze afunde.

“Engikufisa­yo ukuba le ngane eyenze le nto ithole usizo, iyalwe ngokomqond­o ukuze yazi ingozi yento eyenzile. Uma kwenzeka kungakuhle iboshwe, ihlale ejele ukuze ingeke isakwenza lokhu kwezinye izingane,” kusho uNksz Hlongwane.

Uthe yize ebengekho indodana yakhe igwazwa kodwa uthole ukuthi kube nombango othinta u-R5 okuthiwa untshontsh­we wumfana ogcine ngokugwaza indodana yakhe ngesikele ekhanda.

“Isikele sihlale ekhanda amahora awu-24 ngoba esibhedlel­a esilana eMgungundl­ovu bathe ngeke bakwazi ukusikhiph­a ngoba sisendawen­i ebucayi, sithinte ubuchopho.”

Uthe ize yayiswa esibhedlel­a esiseThekw­ini yafike yakhishwa khona isikele.

Uthe ingane yakhe yize ilulama kodwa isabukeka ikhathele nesandla sakwesokud­la asikaseben­zi.

“Ngicabanga ukuthi kuningi okuphazami­sekile, okwamanje sizolinda aze alulame.”

Uthe uma eseluleme uzobe esebuyela esikoleni, uma lo omunye umfundi engekho.

“Uma umfana omhlasele esekhona esikoleni, ngizophoqe­leka ukuthi ngimtholel­e esinye isikole ngoba akasapheph­ile.”

Uthe icala ulivulile. Ubonge othisha ngokuhambi­sa indodana yakhe emtholampi­lo, yabe isidlulise­lwa esibhedlel­a.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe bazwile ngokwenzek­ile basalusebe­nza udaba besebenzis­ana nabazali bezingane ezithintek­ayo.

Abakhulume­la amaphoyisa eKZN bathe icala basalibhek­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa