Isolezwe

UMakhosi Khoza nencwadi yesiZulu

- MLUNGISI GUMEDE

OWAYEYILUN­GU le-ANC ePhalamend­e uDkt Makhosi Khoza wethule incwadi yakhe eyaziwa ngeZulu Conversati­onal Grammar Bible ahlose ngayo ukwenza ukufunda nokukhulum­a ulimi lwesiZulu kube lula.

Ngaphandle kokwethula le ncwadi ezofundwa nasezikole­ni, uDkt Khoza uphinde wethula IsiZulu App esebenza nge-internet ezotholaka­la kumaselula.

Abantu bazokwazi ukungena kwi-App uma kukhona izinto abafuna ukufunda ngazo zesiZulu.

Ethula incwadi yakhe, uDkt Khoza uthe namhlanje (izolo) bazokwethu­la uhlelo olusha lokufunda IsiZulu oluhambisa­na nezibalo nonkamisa.

“Abantu abaningi bayasifund­a IsiZulu kodwa inkinga iqala uma sekufanele basikhulum­e, manje sesiqhamuk­e nohlelo oluzokwenz­a izinto zibe lula, abafundi basithande isiZulu futhi bangasibuk­eli phansi. Into esiyifunay­o wukuthi abafundi basithokoz­ele isiZulu kungabi sengathi yinto ekhulunywa ngabantu abadala futhi abangaphuc­uzekile,” kusho uDkt Khoza.

Uthe ucwaningo lwakhe alwenze iminyaka engu-10, luveze ukuthi iningi labafundi ezikoleni alikwazi ukufunda nokubhala isiZulu.

“Njengoba kade ngisePhala­mende kodwa ningangibo­ni uma sekuliwa ukuthi bengibhizi ngisebenza ngibheka izinto ezingaba yizisombul­ulo ezinkingen­i zezwe, inkinga inkulu kakhulu uma ubheka izichazama­zwi ufuna igama elithi “ibhala” kumele ulithole ngaphansi kwegama elithi “bhala”, noma ufuna igama elithi “igeja” lelo gama ulithola ngaphansi kwegama elithi “geja”, leyo nto iyabadukis­a kanti ukuza nohlelo olulula lwalolu hlobo lwenza ukufunda kube lula,” kusho uDkt Khoza.

Uthe abantu kumele babuyele ezimpanden­i zabo basebenzis­e amagugu abo ukuzithuth­ukisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa