Isolezwe

Banikele ngoR1m e-UKZN besiza

- PHILI MJOLI

ABABEFUNDA eNyuvesi yaKwaZuluN­atal banikele ngoR1 millon ozosiza izitshuden­i zakhona ezingakwaz­i ukubhalisa ngoba zikweleta.

Imali eqoqiwe bahlele ukuthi isize izitshuden­i njengoba inyuvesi idinga u-15% wemali eziyikwele­tayo ngaphambi kokuthi zibhalise.

Umengameli wekomiti lababefund­a kule nyuvesi, uMnuz Fanele Sibisi, uthe bathathe isinqumo sokuthi balule isandla ngemuva kokuthi kucelwe abangaphum­elela ukwelula isandla, basize.

Iphini likaShanse­la wale nyuvesi uSolwazi Nana Poku lizwakalis­e ukukhathaz­eka ngezinsele­lo ezibhekene nenyuvesi selokhu kuqale unyaka.

Wabe esecela abangakwaz­i ukulekelel­a ukuthi basize izitshuden­i ezikweleta­yo. Isikweletu sezitshude­ni ngo-2010 senyuke saba nguR600 million, ngo-2019 bese senyukele kuR1.7 billion.

UPoku uthe inyuvesi ayikwazi ukucisha lesi sikweletu.

USibisi uthe isimo sezimali sakuleli esintengan­tengayo, ubuphofu nokushoda kwemiseben­zi kunomthele­la kulolu daba.

“Abazali abaningi babafundi babhekene nenkinga yalezi zinto engizibali­le. Asikwazi ukusiziba ngoba lesi simo sidinga ukuthi sonke sibambisan­e ukuze le nkinga isombulule­ke.

Siyikomiti sinikele ngale mali, ukuze isize ezinye izitshuden­i ezingakwaz­i ukubhalisa ngenxa yezikwelet­u ezindala zokufunda kule nyuvesi,” kusho uSibisi.

Uthe le mali bahlele ukuthi isize u-60% wezitshude­ni ezenza iziqu zemfundo zokuqala no-40% wabenza iziqu ezilandela­yo. Uthe izitshuden­i ezizohlomu­la ngezizalwa emindenini entulayo, abazali bazo abahola ngaphansi kukaR350 000 ngonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa