Umkhankaso wokusiza izitshudeni ezikweletayo
INYUVESI yaKwaZuluNatal yethule umkhankaso wokuqoqa imali yokusiza izitshudeni ezinezikweletu obizwa nge- #WeCareUKZN.
Okhulumela le nyuvesi uNksz Indu Moodley uthe lo mkhankaso wenzelwe ukusiza izitshudeni ezingakwazi ukubhalisa ngoba zikweleta inyuvesi.
“Abaphathi benyuvesi bazame ukuxazulula udaba lwezitshudeni ezikweleta inyuvesi okungenani zikhokhe u-15% wemali eziyikweleta inyuvesi. Kodwa ezinye izitshudeni azinayo leyo mali ngakho azikwazi ukubhalisa,” kusho uNksz Moodley.
Uthe lo mkhankaso wenzelwe ukuze kungabibikho isitshudeni esisala ngaphandle uma sekuvalwa uhlelo lokubhalisa ngenyanga ezayo.
Abafisa ukulula isandla abavakashele i-website yenyuvesi.