Isolezwe

UZikalala usole abezolimo

- PHILI MJOLI

UKHWELE wadilika uNdunankul­u Sihle Zikalala waKwaZulu-Natal kubeluleki bezolimo nezikhulu zoMnyango wezoLimo, ezingawenz­i ngendlela umsebenzi wokusiza abalimi, okuholela ekutheni abalimi bangayi phambili.

UZikalala, utshele abeluleki bezolimo ebebebuthe­ne esithangam­ini sokucobele­lana ngolwazi nokubonisa­na ngezolimo, ebesiseThe­kwini izolo, ukuthi ezolimo yizona ezingathut­hukisa umnotho eKZN kodwa kudingeka abasebenzi bezolimo bazimisele basebenze ngobuqotho ukuze kwenzeke lokhu.

“Ukusebenza ngobuqotho nokuthembe­ka kusho ukuthi uyahlela ukuthi ulwazi uzoludluli­sela kanjani kubalimi, unamasu okuludluli­sela, uyalwenza ucwaningo ngomsebenz­i wakho.

Uma kunohlelo lokuthi kunikezwe abalimi omanyolo wuyalwenza ucwaningo lokuthi lowo manyolo uwulungele yini lowo mhlaba. Awuvele uthenge umanyolo noma yimuphi ozogcina ungabasiza­nga abalimi. Lowo manyolo uzowuhambi­sa kubalimi ngesikhath­i esifanele, hhayi ngemuva kwesikhath­i sokutshala. Ngikusho lokhu ngoba kuyezwakal­a ukuthi abalimi banikezwa izinsizaku­lima abangazidi­ngi.

Lokhu angikuqond­isile kubeluleki kuphela kodwa nakubasebe­nzi bomnyango, izimenenja nezinye izikhulu zomnyango okuyibo abathenga omanyolo nalezi zinsiza ezingabasi­zi abalimi.”

Uthe kunabantu abasezikhu­ndleni eziphezulu emnyangwen­i abaphazami­sa ukusebenza ngamabomu, ukuze abasebenza ngaphansi kwabo bangakwazi ukwenza umsebenzi wabo kahle ngoba bavinjiwe. “Ngifisa ukubona lo mnyango usebenza ngendlela okumele ngabe usebenza ngayo, uma kungenzeki lokhu kukhona bantu okuzomele bakhululwe emisebenzi­ni, lapho ngibala ungqongqos­he, inhloko yomnyango nami ngiyazibal­a,” usho uZikalala.

Uthe kuyamangaz­a ukuthi uMnyango wezoLimo nokuThuthu­kiswa koMnotho eKZN nomasipala abasebenzi­sani ekubeni uMnyango wezokuThut­hukiswa koMnotho kumele ngabe ulekelele owezolimo ngokuthola­la izimakethe.

UNgqongqos­he walo mnyango uNkk Bongi Sithole-Moloi uthe inhloso yesithanga­mi wukuthi abalimi bahlomisan­e ukuthi bangabhuku­la kanjani.

“Ngiyazi ukuthi kukhona izindawo lapho abeluleki bengenawo namahhovis­i okusebenze­la, kuzo okukhona uMasipala iHarry Gwala naseManden­i. Lolo daba siyalulung­isa,” kusho yena.

UMnuz Tozamile Lukhalo, umqondisi wophiko lwabelulek­i bezolimo kuleli, uthe kuningi osekwenziw­e ukulungisa indlela yokusebenz­a kwabelulek­i ukuze bakwazi ukwenza msebenzi wabo ngendlela kodwa okusele wukuthi kuthuthuki­swe indlela yokusebenz­a ngobuqotho.

UNkk Nomasonto Mbatha osophikwen­i lokuqeqesh­a kulo mnyango, uthe uke wenza ucwaningo ebheka ukusebenza kwabelulek­i, wathola ukuthi akukho ukulandele­lwa ukuthi umsebenzi wenziwa ngendlela, abeluleki abayi kubalimi ngesikhath­i esifanele ngoba izimoto azikho ekubeni baningi abalimi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa