UZikalala usole abezolimo
UKHWELE wadilika uNdunankulu Sihle Zikalala waKwaZulu-Natal kubeluleki bezolimo nezikhulu zoMnyango wezoLimo, ezingawenzi ngendlela umsebenzi wokusiza abalimi, okuholela ekutheni abalimi bangayi phambili.
UZikalala, utshele abeluleki bezolimo ebebebuthene esithangamini sokucobelelana ngolwazi nokubonisana ngezolimo, ebesiseThekwini izolo, ukuthi ezolimo yizona ezingathuthukisa umnotho eKZN kodwa kudingeka abasebenzi bezolimo bazimisele basebenze ngobuqotho ukuze kwenzeke lokhu.
“Ukusebenza ngobuqotho nokuthembeka kusho ukuthi uyahlela ukuthi ulwazi uzoludlulisela kanjani kubalimi, unamasu okuludlulisela, uyalwenza ucwaningo ngomsebenzi wakho.
Uma kunohlelo lokuthi kunikezwe abalimi omanyolo wuyalwenza ucwaningo lokuthi lowo manyolo uwulungele yini lowo mhlaba. Awuvele uthenge umanyolo noma yimuphi ozogcina ungabasizanga abalimi. Lowo manyolo uzowuhambisa kubalimi ngesikhathi esifanele, hhayi ngemuva kwesikhathi sokutshala. Ngikusho lokhu ngoba kuyezwakala ukuthi abalimi banikezwa izinsizakulima abangazidingi.
Lokhu angikuqondisile kubeluleki kuphela kodwa nakubasebenzi bomnyango, izimenenja nezinye izikhulu zomnyango okuyibo abathenga omanyolo nalezi zinsiza ezingabasizi abalimi.”
Uthe kunabantu abasezikhundleni eziphezulu emnyangweni abaphazamisa ukusebenza ngamabomu, ukuze abasebenza ngaphansi kwabo bangakwazi ukwenza umsebenzi wabo kahle ngoba bavinjiwe. “Ngifisa ukubona lo mnyango usebenza ngendlela okumele ngabe usebenza ngayo, uma kungenzeki lokhu kukhona bantu okuzomele bakhululwe emisebenzini, lapho ngibala ungqongqoshe, inhloko yomnyango nami ngiyazibala,” usho uZikalala.
Uthe kuyamangaza ukuthi uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa koMnotho eKZN nomasipala abasebenzisani ekubeni uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho kumele ngabe ulekelele owezolimo ngokutholala izimakethe.
UNgqongqoshe walo mnyango uNkk Bongi Sithole-Moloi uthe inhloso yesithangami wukuthi abalimi bahlomisane ukuthi bangabhukula kanjani.
“Ngiyazi ukuthi kukhona izindawo lapho abeluleki bengenawo namahhovisi okusebenzela, kuzo okukhona uMasipala iHarry Gwala naseMandeni. Lolo daba siyalulungisa,” kusho yena.
UMnuz Tozamile Lukhalo, umqondisi wophiko lwabeluleki bezolimo kuleli, uthe kuningi osekwenziwe ukulungisa indlela yokusebenza kwabeluleki ukuze bakwazi ukwenza msebenzi wabo ngendlela kodwa okusele wukuthi kuthuthukiswe indlela yokusebenza ngobuqotho.
UNkk Nomasonto Mbatha osophikweni lokuqeqesha kulo mnyango, uthe uke wenza ucwaningo ebheka ukusebenza kwabeluleki, wathola ukuthi akukho ukulandelelwa ukuthi umsebenzi wenziwa ngendlela, abeluleki abayi kubalimi ngesikhathi esifanele ngoba izimoto azikho ekubeni baningi abalimi.