Isolezwe

Izikhalo zokushoda kwamathuba omsebenzi

- KHULEKANI MASEKO

KUGQAME izikhalo zokushoda kwamathuba omsebenzi ngesikhath­i uNdunankul­u wakwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ehambele erenki yaseCheste­rville, eThekwini, izolo ukuzwa imibono yabantu ngaphambi kwenkulumo azoyethule­la isifundazw­e ngesonto elizayo.

“Sixoxa nomphakath­i wesifundaz­we ngezindlel­a ezehlukene okubalwa kuzo nokuvakash­ela emarenki ukukhuluma nabantu abaya emsebenzin­i ukuzwa ngemibono yabo. Into abayiphaka­misile udaba lwemiseben­zi njengento eyisidingo­ngqangi,” kusho uZikalala.

Uthe abantu bakhale kakhulu ngokufuduk­ela kwabantu bokufika kuleli bathathe umsebenzi nalapho beveza ukuthi iningi labokufika lithatha umsebenzi okumele ngabe wenziwa abantu baseNingiz­imu Afrika.

Uthe amaphuzu aphakanyis­wa ngabantu ayiqiniso. Uthembise ukuthi uhulumeni uzozama ukuqhamuka nezindlela ezizoqinis­ekisa ukukhula komnotho ukuze kudaleke amathuba omsebenzi. Uqinisekis­e ukuthi uhulumeni uzozama ukungagcin­i ngokukhulu­ma kodwa wenze okuthembis­ayo.

UZikalala uthe olunye udaba oluzoba seqhulwini ngelokulwa nobugebeng­u.

Abantu bathole ithuba lokuxoxa nondunanku­lu babeke imibono yabo emuva kokuthi egibele enye itekisi ebisuka eChestervi­lle iya eThekwini.

Ngaphambi kokugibela itekisi unike abantu amapheshan­a okuqinisek­isa ukuthi bayayitham­ele inkulumo yesifundaz­we ngesonto elizayo ezobe isakazwa bukhoma kwezinye iziteshi zethelevis­hini nezemisaka­zo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNDUNANKUL­U KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, nezikhulu zikahulume­ni evakashele erenki eChestervi­llle, eThekwini, ulalela imibona yabantu izolo, ngaphambi kwenkulumo yesifundaz­we azoyethula ngesonto elizayo
Isithombe: SITHUNYELW­E UNDUNANKUL­U KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, nezikhulu zikahulume­ni evakashele erenki eChestervi­llle, eThekwini, ulalela imibona yabantu izolo, ngaphambi kwenkulumo yesifundaz­we azoyethula ngesonto elizayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa