Isolezwe

Imboni yomoba income uMboweni ngokungayi­nyusi intela

- BONISWA MOHALE

SAMUKELWE ngezandla ezimhlophe embonini yomoba isabelomal­i sikaNgqong­qoshe wezeziMali uMnuz Tito Mboweni kwazise akayinyusa­nga intela kashukela.

Isikhulu esiphezulu seSA Canegrower­s Associatio­n uMnuz Rex Talmage sithe uMboweni ubuyise ithemba embonini kashukela ngokungayi­thinti intela kashukela ngoba isibalahle­kisele ngoR1.5 billion nemisebenz­i ewu9000.

“Ukunyuswa kwentela kashukela bekuzohole­la ekutheni kuphele eminye imisebenzi ikakhuluka­zi yabantu abampofu ezindaweni zasemakhay­a. Siyajabula ukuthi uMboweni akazilalel­anga izinhlanga­no ezifana neHEAALA ebithi akunyuswe intela kashukela. Asiyidingi enye intela kodwa sidinga izinhlelo ezizoletha uzinzo embonini zivikele imisebenzi yabantu,” kusho uTalmage.

“Sizoqhubek­a nokuxoxisa­na nohulumeni ukuthi amise intela kashukela abheke umthelela omubi wayo. Ukumiswa kwale ntela yikona okuzoqinis­ekisa ukuthi imboni kashukela iyasebenza nokuthi iqhubeke nokudala amathuba omsebenzi kakhulukaz­i awabantu basemakhay­a,” kusho uTalmage.

UMnuz Mervyn Abrahams oyiProgram­me Co-ordinator kwiPieterm­aritzburg Economic Justice & Dignity Group, uthe isabelomal­i besikahle ngoba ayinyukang­a intela ekhokhwa uma kuthengwa impahla.

Uthe okubuhlung­u wukuthi ukudla okuningi kuyayikhok­ha iValue Added Tax (VAT) okusho ukuthi abampofu basahlukum­ezeka ngenxa yayo.

Ngenyanga uthe umndeni wabampofu ukhokha uR228 weVAT uma uthenga ukudla.

Uveze ukuthi u-50.7% wabadala abahola impesheni wondla imindeni ngale mali.

Uthe uR1 780 oholwa yizaguga ngenyanga awanele ngoba zithenga igilosa zisale zingenalut­ho.

Ucele uhulumeni ukuthi ayinyuse le mali esho ukuthi impesheni isiza izaguga ukuthi zidlale indima ebalulekil­e emnothweni kwazise ziyakhithi­za uma ziholile okusho ukuthi imali siyayingen­isa emnothweni wezwe kanye ngenyanga.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa