Imboni yomoba income uMboweni ngokungayinyusi intela
SAMUKELWE ngezandla ezimhlophe embonini yomoba isabelomali sikaNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Tito Mboweni kwazise akayinyusanga intela kashukela.
Isikhulu esiphezulu seSA Canegrowers Association uMnuz Rex Talmage sithe uMboweni ubuyise ithemba embonini kashukela ngokungayithinti intela kashukela ngoba isibalahlekisele ngoR1.5 billion nemisebenzi ewu9000.
“Ukunyuswa kwentela kashukela bekuzoholela ekutheni kuphele eminye imisebenzi ikakhulukazi yabantu abampofu ezindaweni zasemakhaya. Siyajabula ukuthi uMboweni akazilalelanga izinhlangano ezifana neHEAALA ebithi akunyuswe intela kashukela. Asiyidingi enye intela kodwa sidinga izinhlelo ezizoletha uzinzo embonini zivikele imisebenzi yabantu,” kusho uTalmage.
“Sizoqhubeka nokuxoxisana nohulumeni ukuthi amise intela kashukela abheke umthelela omubi wayo. Ukumiswa kwale ntela yikona okuzoqinisekisa ukuthi imboni kashukela iyasebenza nokuthi iqhubeke nokudala amathuba omsebenzi kakhulukazi awabantu basemakhaya,” kusho uTalmage.
UMnuz Mervyn Abrahams oyiProgramme Co-ordinator kwiPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, uthe isabelomali besikahle ngoba ayinyukanga intela ekhokhwa uma kuthengwa impahla.
Uthe okubuhlungu wukuthi ukudla okuningi kuyayikhokha iValue Added Tax (VAT) okusho ukuthi abampofu basahlukumezeka ngenxa yayo.
Ngenyanga uthe umndeni wabampofu ukhokha uR228 weVAT uma uthenga ukudla.
Uveze ukuthi u-50.7% wabadala abahola impesheni wondla imindeni ngale mali.
Uthe uR1 780 oholwa yizaguga ngenyanga awanele ngoba zithenga igilosa zisale zingenalutho.
Ucele uhulumeni ukuthi ayinyuse le mali esho ukuthi impesheni isiza izaguga ukuthi zidlale indima ebalulekile emnothweni kwazise ziyakhithiza uma ziholile okusho ukuthi imali siyayingenisa emnothweni wezwe kanye ngenyanga.