Uxhaso kwabasiza intsha efundayo
UKUTABALASA kanzima kwabafundi bakuleli abangaqedi isikole ngenxa yokweswela imali nezinye izidingo, kuholele ekutheni inkampani yezezimali nemishwalensi ifake isandla. AbakwaMomentum basanda kunikelela inhlangano esiza intsha Ikamva Youth ngoR200 000 ngaphansi kohlelo lwabo lweCorporate Social Investment. Le yimali eqokelelwe abasebenzi bale nkampani ukunikelela le nhlangano esiza nabafundi bezikole zamabanga aphezulu.
Kuthiwa abasebenzi bale nkampani bayavolontiya ukuthi kuhleshulwe emalini yabo yomholo benikela.
UNksz Patronella Sono, ogxile ekukhuliseni amavolontiya kule nkampani, uthe intsha iphethe ikusasa lezwe ngayo yonke indlela.
“Njengoba siyinkampani yakuleli, ngeke siwuhlabe inhlali sibona sikhula isibalo sentsha engasebenzi. Ukulwa nale nkinga yokushoda komsebenzi kuqala emfundweni. Ngale mali singazisa izingane ezifundayo ukuthi zifinyelele emanyuvesi, ziphinde zithole umsebenzi,’’ usho kanje.
Oyimenenja yakwaMomentum, uNkk Charlene Lackay, uthe izinhlangano ezifana ne-Ikamva Youth zibuyisa ithemba entsheni. Uthe sebeneminyaka emithathu besizana nale nhlangano yentsha.
“Besilokhu sibanikelela ngemali, sisizana nabasebenzi bethu. Siyafisa ukuthi nabanye benze njengale nhlangano ukusiza isizukulwane esilandelayo,” kusho yena.
Ikamva Youth inamagatsha angaphezu kuka-15 kuleli kanti isiza abafundi abangaphezu kuka-2 500 ezifundazweni ezahlukene. Kuhlomula abafundi abafunda uGrade 8 kuya ku-12 ngokubatholela abazobasiza ngomsebenzi wesikole. Bonke abasizayo abakhokhelwa kodwa iningi labo ngabafundi abebeyingxenye yohlelo lwale nhlangano, asebefunda emanyuvesi. Abafundi baphinde basizwe nokuthi batholelwe izikhala ezikhungweni zemfundo ephakeme uma sebephasile.
UThabiso Simelane ongomunye wabafundi abasizwa yile nhlangano, uthe usenonyaka eqalile. “Ngiyawubona umehluko ezifundweni zami kusukela ngijoyine kulolu hlelo. Ngiyafisa ukuthi nabanye abafundi bajoyine ngoba Ikamva Youth ayisizi kuphela ukushintsha imiphumela kodwa ishintsha nempilo yethu,” kusho uThabiso.
Ngonyaka odlule kubafundi baka-matric abangaphasi kwalolu hlelo kuphase u-86%. Bangu-47% abathole izitifiketi ezibavumela ukuya enyuvesi. Sekuneminyaka engu-17 abafundi abangaphansi kwalolu hlelo kuphasa abangu-80% kuya phezulu.