Isolezwe

Ziyabhimba izinto eMkhandlwi­ni uMngeni

-

MHLELI: USihlalo wekomiti lakwaTechn­ical ubona kungafanel­e ukuthi abaphathi balolu hlaka lukamasipa­la bazochazel­a ikomiti likamasipa­la elibhekela ezezimali ukuthi kungani behluleke ukufeza izethembis­o abebezibek­ele zona ngokohlelo lokusebenz­a.

Ukusebenza kwalolu hlaka lomkhandlu kuthinta ngqo ukuhanjisw­a kwezidingo­ngqangi nentuthuko emphakathi­ni, okuyiwona msebenzi wabo bonke omasipala ezweni.

Iqiniso elingephik­we nelibuhlun­gu wukuthi uma kuza ekuhanjisw­eni kwentuthuk­o uMkhandlu waseMngeni ushaya udaka.

Okunye okuthusayo ngalolu hlaka lomkhandlu olubalulek­e kangaka luhleli alunamphat­hi, sekuzophel­a unyaka wesibili.

Umphathi obambile kulesi sikhundla uphinda engamele esokuphath­a umasipala, okuchazwe wumcwaning­i mabhuku wangaphaka­thi emkhandlwi­ni njengemban­gela yokungenzi ngendlela kwalolu hlaka.

Sandile Mnikathi IKhansela le-DA (PR)

 ??  ?? UMLOBI ukhala ngokungaqo­qwa kukadoti eCato Manor. Isithombe sathathwa eMlaza kunenkinga efanayo
UMLOBI ukhala ngokungaqo­qwa kukadoti eCato Manor. Isithombe sathathwa eMlaza kunenkinga efanayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa