Ziyabhimba izinto eMkhandlwini uMngeni
MHLELI: USihlalo wekomiti lakwaTechnical ubona kungafanele ukuthi abaphathi balolu hlaka lukamasipala bazochazela ikomiti likamasipala elibhekela ezezimali ukuthi kungani behluleke ukufeza izethembiso abebezibekele zona ngokohlelo lokusebenza.
Ukusebenza kwalolu hlaka lomkhandlu kuthinta ngqo ukuhanjiswa kwezidingongqangi nentuthuko emphakathini, okuyiwona msebenzi wabo bonke omasipala ezweni.
Iqiniso elingephikwe nelibuhlungu wukuthi uma kuza ekuhanjisweni kwentuthuko uMkhandlu waseMngeni ushaya udaka.
Okunye okuthusayo ngalolu hlaka lomkhandlu olubaluleke kangaka luhleli alunamphathi, sekuzophela unyaka wesibili.
Umphathi obambile kulesi sikhundla uphinda engamele esokuphatha umasipala, okuchazwe wumcwaningi mabhuku wangaphakathi emkhandlwini njengembangela yokungenzi ngendlela kwalolu hlaka.
Sandile Mnikathi IKhansela le-DA (PR)