Zakhamuzi zakuleli asisukumeni
Lindelani Ngwenya EMKHUMBANE
MHLELI: Abezindaba bangosopolitiki kunokuba babhale ngezinkinga zezwe. INingizimu Afrika inesibalo sezakhamuzi ezibalelwa ku-59 million kube nabangaphandle kwemingcele yezwe abathola izinsiza zikahulumeni.
Babalelwa ezigidini kodwa ababaliwe kulesi sabelomali minyaka yonke. Ngibala ukunyangwa kwezakhamuzi zamazwe angomakhelwane nsuku zonke, kube abahlala khona lapha eNingizimu Afrika bonke abekho kwisabelomali.
Umbuzo enginawo uthi ngabe kungani kungongiwa imali yezwe ngokunika izakhamuzi zezwe izinsiza kuphela ezisesabelwenimali?
Abaklelisa iminotho okunye abakuphakamisayo ngukuthi akuncishiswe izisebenzi kuhulumeni kodwa kuyashoda emitholampilo abasebenzi, ama-ambulensi ngisho namaphoyisa. Kongiwa kanjani ngezidingongqangi? Zakhamuzi asisukumeni.
Muzi Ngcebele EPINETOWN