Sikhathazekile ngodoti ongathuthwa eCato Manor
MHLELI: Ngithi ake ngibhale ngizwakalise ukukhathazeka kwami ngenkinga kadoti ongasathuthwa lapha eCato Manor. Ugcwele yonke imigwaqo, kuyanyamfuka.
Kakusahambeki ngezimoto ngoba abanye bayawushisa lo doti kuvele kube yisiphihli.
Kanti inkinga ikuphi ngempela kuMasipala weTheku? Siyavota njalo ngonyaka ozayo. Sizobe sivotelani uma kunje? Sesibekezele kwanela bakithi.
Siyacela umasipala uqashe izinkampani ezizosibuthela udoti. Nezingane sezizogula ngoba zidlala kuwo lo doti.