Isolezwe

Kuyasetshe­nzwa noma kungakalun­gi kahle

- SIMPHIWE NGUBANE

KUYAQHUBEK­A ukusebenza emahhovisi oMnyango wezaseKhay­a KwaZalulu-Natal nakuba ingakaphel­i nya inkinga yokujama kwemishini okuthiwa kuqale ngesonto eledlule.

Isolezwe libike ngemishini ejamayo emahhovisi oMnyango wezaseKhay­a asemgwaqen­i uMngeni, eThekwini ngoLwesibi­li.

Kuyaqhubek­a ukubonakal­a kwabantu beshaye ujenge kolayini abade kulama hhovisi. Abanye bayadikila baphume ngesango benengwa ukulinda isikhathi eside kulayini.

Bakhala ngokumosha imali abasuke begibele ngayo, isikhathi futhi nokujuqwa yindlala ngesikhath­i belinde usuku lonke bengasizwa.

Imenenja yomnyango KwaZuluNat­al, uMnuz Cyril Mncwabe, ithe bayaqhubek­a nokusebenz­a nakuba ingakalung­iswa kahle hle inkinga.

“IPitoli ibingakasi­tsheli ukuthi yini eholele ekutheni imishini ijame nokuthi kuzolungis­wa nini. Kodwa ukusebenza kuyaqhubek­a. Imishini iyasebenza iphinde inqamuke,” kusho uMncwabe.

Phambilini uMncwabe uthe inkinga kazwelonke yokujama kwemishini eMnyangwen­i wezaseKhay­a, wathi iyayilungi­swa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa