Isolezwe

Kutholwe isidumbu ehlathini

- SIMPHIWE NGUBANE

KUTHOLAKAL­E isidumbu sendoda ehlathini eliseduze komgwaqo uM25 budebuduze nenxanxath­ela yezitolo eBridge City, KwaMashu, izolo ekuseni.

Isidumbu esingaziwa ukuthi esikabani, kuthiwa sibonwe wumuntu obenqamula ngendlela encane esuka emgwaqweni inqamule ihlathi ikhuphukel­e ebhrijini, iNewtown Bridge.

Okhulumela inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa) uMnuz Prem Balram, uthe ngo-8.52 ekuseni uphiko lwabo lwasePhoen­ix luthole ucingo obeluvela kumuntu obedlula ngendlela.

“Lo muntu uthi ubone isidumbu ngesikhath­i edlula ngendlela. Sifike sangena esikhothen­i esikule ndawo sathola isidumbu sidindiliz­e eceleni kwale ndledlana. Besinamanx­eba amaningi kwesingeza­nsi, esifubeni nasemhlane,” kusho uBalram.

Uthe onogada bathole lesi sidumbu emuva kokubona igazi likamufi ebeligcwel­e phansi kusukela emgwaqweni lize liyokubeka phezu kwebhriji. Uthe imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ezocacisa ukuthi umufi ugwaziwe noma udutshuliw­e.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisek­isile ukuthi kutholwe isidumbu somuntu sinamanxeb­a okugwazwa. Uthe amaphoyisa asePhoenix aphenya icala lokubulala.

Khonamanja­lo amaphoyisa asesiteshi­ni saKwaMashu acela ukufuniswa izihlobo zowesilisa isidumbu sakhe esatholwa ehlathini eliseduze komgwaqo uMalandela kwa-C ngoNovemba 9 nyakenye.

Isidumbu sowesilisa iminyaka yakhe elinganise­lwa phakathi kuka-30 no-40, satholwa sigqoke

IKHASI ELIKHOKHEL­WE amateki, i-jean e-blue, nesikibha esasinombh­alo othi: “Khwishizwa Red Activity”. Une-tattoo engalweni yakhe kwesobunxe­le. Kuvulwe idokodo ngokufa komuntu.

Kucelwa noma wubani ongaba nolwazi ngaye noma isihlobo sakhe axhumane noDetectiv­e Warrant Officer FM Luthuli enombolwen­i ethi: 082 337 5453 noma iCrime Stop ku-08600 10111.

 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? KUTHOLWE isidumbu ehlathini eliseduze komgwaqo uM25 KwaMashu izolo
Izithombe: ZITHUNYELW­E KUTHOLWE isidumbu ehlathini eliseduze komgwaqo uM25 KwaMashu izolo
 ??  ?? ONOGADA bakwaReact­ion Unit South Africa beyotakula isidumbu sendoda esitholaka­la ehlathini eduze komgwaqo uM25 KwaMashu izolo ekuseni
ONOGADA bakwaReact­ion Unit South Africa beyotakula isidumbu sendoda esitholaka­la ehlathini eduze komgwaqo uM25 KwaMashu izolo ekuseni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa