Isolezwe

Kugingqike itekisi kwalimala abagibeli abawu-15 ngaseNewla­nds

- INTATHELI YESOLEZWE

KULIMALE abagibeli abangu-15 ngesikhath­i itekisi abebehamba ngayo igingqika emgwaqweni onguthelaw­ayeka uN2 ngaseNewla­nds izolo ekuseni.

Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo kwaER24 uMnuz Russel Meiring, uthe bafike lapho ebekwenzek­e khona ingozi ngo-7.56 bafica itekisi ilele ngecala emzileni wezimoto eziphuthum­ayo.

“Abashayeli bezimoto baficwe belekelela betakula abagibeli abalimele. Abezimo eziphuthum­ayo banike usizo lokuqala ngesikhath­i amaphoyisa elawula ukuhamba kwezimoto,” kusho uMeiring.

Uthe ngesikhath­i belapha abalimele, kutholakal­e ukuthi abagibeli abangu-14 bathole imihuzukwa­na kodwa bekunowesi­fazane otholwe elele phakathi etekisini, elimele kanzima.

“Ukhishwe etekisini ngosizo lwabezicis­hamlilo. Ube eselashwa nabanye abalimele waxhunywa nemishini emlekelela aphefumule. Uphuthunyi­swe esibhedlel­a ngendiza enophephel­a emhlane, abanye abagibeli bahanjiswa ngama-ambulensi,” kusho uMeiring.

UMeiring uthe ayaziwa imbangela yengozi kodwa amaphoyisa abesendawe­ni yesigameko ephenya.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ITEKISI egingqike kuN2 ngaseNewla­nds, eThekwini, yalimaza abagibeli abagu-15 izolo ekuseni
Isithombe: SITHUNYELW­E ITEKISI egingqike kuN2 ngaseNewla­nds, eThekwini, yalimaza abagibeli abagu-15 izolo ekuseni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa