Isolezwe

UMboweni ubuyise ithemba ekulweni nenkohlaka­lo

-

KUPHINDE kwafakazel­eka ukuthi kalikho isoka elingenasi­ci njengoba kukhona ukukhala nenjabulo ngesabelom­ali sikaNgqong­qoshe wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni, asethule ePhalamend­e ngoLwesith­athu.

Yize ziningi izikhalo kodwa kubuye ithemba ngempi yokulwa nenkohlaka­lo ngenxa kaR2.4 billion owabelwe iNational Prosecutin­g Authority (NPA), Special Investigat­ing Unit (SIU) noKlebe.

Abantu baseNingiz­imu Afrika bebehlale bezibuza ukuthi abasolwa ngenkohlak­alo evela kwiKhomish­ini yeJaji Raymond Zondo ephenya ngokulawul­wa koMbuso yidlanzana, bazoshushi­swa nini? Ngakho lo mbuzo sewucishe uphendulek­e ngoba inselelo seyisele nabaholi balezi zikhungo.

UMboweni uthe le mali ayabele iNPA izosiza lolu phiko ukuthi luqashe abaphenyi abawu-800 nabashushi­sisi abawu-277.

Kuyajabuli­sa ukuzwa lokhu ngoba ababaningi abaphenyi ababhekele­le amacala athinta inkohlakal­o.

Ukuqashwa kwabapheny­i abaningi kusho ukuthi baningi abazobheka­na nomthetho bangagcini ngokuboshw­a kodwa bashushisw­e nasezinkan­tolo uma sekwandisw­e isibalo sabashushi­si.

Nokho kushiya umbuzo ukuthi kungani vele iNPA ibiyekelel­wa, inganikwa imali eyanele yokuthi kuliwe nenkohlaka­lo.

Siyathemba ukuthi iNPA izolubheka nodaba lwenkontil­eka yeSABC neMultiCho­ice kaR500 million nezinye eziningi eziyimbang­ela yokuthi le nhlangano ihluleke wukwenza inzuzo njengebhiz­inisi.

Siyathemba ukuthi le mali efakiwe izogqugquz­ela iNPA ukuthi ivumbulule amacala akudala afana nelesivume­lwano sikaR3.7 billion esasayinwa yi-Eskom neTegeta eyayizoday­isela le nkampani amalahle.

UMboweni uphinde watshala uR1.8 billion eMnyangwen­i wezoBulung­iswa nokuHlunye­leliswa kweziMilo. Le mali izobhekana namacala athinta udlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane abakhala ngokuthi amacala abo aphelela emoyeni.

UMboweni ufake uR15 million ozosetshen­ziswa emikhankas­weni ehlukene yokulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane kuleli.

Uma kunganqots­hwa inkohlakal­o, kubuyiswe nemali eyebiwe – kungaba kuncane ukukhala ngesabelom­ali.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa