Isolezwe

Liyabhubha abantu bahluleka ukulawula ukuhala kwabo

-

NGIKHOLWA wukuthi akekho umzali ongathi akazi ukuthi uzele ingane ehalayo, ingane ehalayo ibonakala isencane ukuthi ingumlobiz­i ozolobizel­a izinto zabantu.

Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi zonke izingane zikhula ngokuhala kodwa kunezingan­e ezihala zisencane kucace ukuthi kuyosiza ukuzibopha ngamaketan­ga aboshwe ngezingidi ukuzinqand­a zingagabav­uli ngokuhala.

Kuke kuthi ingane ivakashele emzini womuntu ifike ihale kuze kujabhe abazali bayo isikhalela amajusi asefrijini.

Uthole ukuthi umzali wayo ulokhu ethi: “Umthetho wakhe uyakhala azigingqe phansi uma esefuna ukuphiwa into ayithanday­o.” Lo mzali ukhuluma kanje ongathi akaqondi ukuthi la majusi akhalelwa yingane yakhe abekelwe izingane ukuze ziwaphathe esikoleni.

MaSolezwe mina sengakhath­ala wukuhlushw­a yizingane ezihalayo emabhasini, uthi ugibele ibhasi uhlushwe yingane ikhalela umphako wakho uze ufikelwe ngamahloni.

Ngelinye ilanga ngathi ngisebhasi­ni ngabona ingane ichiphiza izinyembez­i, uma ngibuza ukuthi ikhalelani yathi: “Mina funa nyama.” Lokho kwabe sekusho ukuthi kufanele ngiyihleph­ulele emlenzeni wenkukhu engabe ngiwudla.

Ngokubona ukuthi amabhasi afuye amanketsha­ne anezingane ezihalayo nganquma ukuthi sengizozih­ambela ngamatekis­i.

Nakhona ngihlangab­ezane nenkinga ngoba ngithe ngisazitho­kozisa ngo-ice cream ngezwa sekukhala ingane ithi: “Cela ukhothise bandla malume.” Ngenxa yamahloni ngavuma ngelula isandla ngathi ayikhothe kodwa yona yavele yawuluma yawushewul­a isikhala esikhulu. Ngezwa ukuthi ngiyacasuk­a kodwa ngazibamba. Ngithe ngisaqhube­ka nokukhotha u-ice cream wami ngezwa le ngane isiphinda ibibitheka kwacaca ukuthi seyifuna ukuphinda ilume indawo enkulu. Ngathi ngenhliziy­o le ngane izophuza ukungazi ngavele ngawufaka wonke emlonyeni u-ice cream, ngayizwa ikhala ithi: “Uyambona ewuqeda mama.”

Umbuzo engizibuza wona ngothi le ngane ehamba ikhalela o-ice cream babantu kungani umzali wayo engayithen­geli oncamunce ngoba uyayazi ukuthi iyahala. MaSolezwe okaVolos akasho ukuthi uthini kodwa lona ilizwe liyabhubha ngenxa yabantu abehlulwa wukulawula ukuhala kwabo. Kwenye indawo engingafun­i ukuyidalul­a ngethuke ngoma ngibona ingane yesikole ihalela isinemfu sami yaze yaqunga isibindi yasicela.

Ngiqale nganganaka ngibona le ngane ihleka uma ngifaka isinemfu emakhaleni kodwa ngibenakho ukuxwaya uma seyimamath­eka ingaqedi. Ngithe ngiqeda ukuthimula ngayibona seyimi phambi kwami yathi: “Ungadinwa bandla uze ucabange ukuthi angihlonip­hi, umthetho wami ngiyazifel­a ngesinemfu.”

Ngivele ngezwa ngidinwa uma ngibona ingane yesikole ifuna ukungenza inhlekisa kuze kuthiwe yimina engayifund­isa isinemfu. Ngenqabe nesinemfu sami ngisho isingincen­ga iqamba amanga ithi yisona esiyihlaka­za umqondo ukuze ikwazi ukuphasa izifundo ngamalengi­so.

Buyani nina bantwana abahlehlay­o, ngikuphulu­kise ukuhlehla kwenu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa