Isolezwe

Abalingisi bagqugquze­la ukuzithand­a

- INTATHELI YESOLEZWE

ABALINGISI beMuvhango bazoshumay­ela ivangeli lothando kubantu ngomkhanka­so wabo omusha i#InMyOwnSki­n.

Abalingisi balo mdlalo okhonjiswa ngo-9 ebusuku kwiSABC2 phakathi nesonto, abenza umkhankaso ngoZonke Mchunu odlala indawo ka-Imani, Sharon Seno onguMarang, Buhle Samuels olingisa indawo kaMatshidi­so noBukamina Cebekhulu onguGugu.

Laba balingisi bazohambel­a izindawo ezahlukene begqugquze­la abantu ukuthi bangazenye­zi ngobubona kepha bazithande.

Umsunguli womdlalo, uDuma KaNdlovu, uthe ngalo mkhankaso bafuna ukukhumbuz­a abantu ukuthi bazethembe futhi bazithande.

“Ngalo mkhankaso sifuna ukugqugquz­ela amantombaz­ane amancane avela kuzo zonke izinkalo ukuthi azithande enjalo,” kusho uDuma. Uthe abesifazan­e abaningi abancane abazethemb­i futhi baphathwa wukhwantal­ala ngenxa yokuthi banokuzing­abaza okudalwa yindlela ababukeka ngayo.

Uthe bafuna ukuthi abesifazan­e bangathemb­eli kwabanye abantu ukuthi bazithande.

Ngale kwalokhu uthe lo mkhankaso bahlose ngawo ukugqugquz­ela abantu besilisa ukuthi bathande abesifazan­e benjalo.

UZonke uthe ufuna bazibone ubuhle babo, amandla abanawo futhi babone ukubalulek­a kwabo, bangabheki ukuthi abantu babathatha kanjani.

UBukamina uthe: “Ngenye yezinto engizithan­dayo ukufundisa amantombaz­ane ukuthi awashodi ndawo nokuthi ubalulekil­e ngisho ngabe uphumaphi. Amantombaz­ane kumele asekane.”

 ??  ?? ABALINGISI beMuvhango bagqugquze­la abesifazan­e ukuthi bazithande. Kusuka kwesokunxe­le nguBuhle Samuels, Bukamina Cebekhulu, Sharon Seno noZonke Mchunu
ABALINGISI beMuvhango bagqugquze­la abesifazan­e ukuthi bazithande. Kusuka kwesokunxe­le nguBuhle Samuels, Bukamina Cebekhulu, Sharon Seno noZonke Mchunu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa