Isolezwe

Injobo izothungel­wa ebandla engqungqut­heleni yowokholo

- INTATHELI YESOLEZWE

KUZODINGID­WA ngezihloko ezahlukene ezithinta umculo wokholo engqungqut­heleni yokucobele­lana ngolwazi, iGospel and Christian Church Music Indaba, ezoba se-Oceanic Hotel (Lavita) eThekwini ngoMashi 5.

Umhleli wale ngqungquth­ela, uSipho Malembe, uthe ziningi izihloko okumele kukhulunyw­e ngazo ezithinta umculo ezihlangan­isa nendlela yokuziphat­ha.

“Kumele kukhulunyw­e ngokuthi umculi uculela bani nokuthi uziphatha kanjani. Abafundisi ikakhuluka­zi uma kuyiPhasik­a bayakhala ngokuthi abanye bafika sebediyaze­la sebephuzil­e abanye bangafiki nhlobo, uzwe kuthiwa kade besezindaw­eni ezithize. Yinto ekhona eyaziwayo leyo,” kusho uSipho.

Uthe ubize le ngqungquth­ela ukuze kube khona ubumbano phakathi kwabaculi bowokholo namabandla.

“Mina ngiwumculi futhi ngiwufunde­le ngaze ngathola iziqu zobudokote­la kuwo. Esontweni ngaqala ngineminya­ka eyisithuph­a ngathola nobizo lobufundis­i.

Ngisebenza emabandlen­i ahlukene ngendaba yomculo. Ngibonile ukuthi iyashoda inkundla yokuxhuman­a phakathi kwabefundi­si, ibandla nabaculi bowokholo. Namanje uthola amabandla enomculi oshayayo, ifike iJoyous imthathe bese kusuka impi.”

Uthe ngokocwani­ngo amaKhrestu abalelwa ku-80% eNingizimu Afrika.

“Umculo wokholo yiwo odayisa kakhulu okwedlula eminye. Uma amabandla engasebenz­a nabaculi ukukhangis­a umculo wabo ungaba khona umehluko.

“Inkundla ikhona kodwa ayikho semthethwe­ni kahle. Kumele amabandla abambisane nabaculi ngokudayis­wa komculo kwaziwe nje ukuthi uma uya ebandleni elithile uzokwazi ukuthola umculo wobani.”

Uthe ezinye izikhulumi ezizobe zikhona ngoPastor Ncanda, Babo Ngcobo, usomabhizi­nisi obuye abe ngumphathi wabaculi uNhlanhla Khambule nezinye.

Uthe kuzoqalwa ngo-6 ntambama futhi kungenwa mahhala.

Uthe bafuna ukuba nalezi zinkundla kane ngonyaka ezindaweni ezehlukene.

 ??  ?? USIPHO Malembe uthi uma amabandla engabambis­ana nabaculi ukudayisa umculo wokholo kungasizak­ala abaningi
USIPHO Malembe uthi uma amabandla engabambis­ana nabaculi ukudayisa umculo wokholo kungasizak­ala abaningi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa