Isolezwe

UVusi usepheka abasakazi abasafufus­a

- FANELESIBO­NGE BENGU

IZINKUNDLA zokuxhuman­a zifike zalekelela emisebenzi­ni yabanye kodwa kwabanye ziyaphazam­isa.

Ubukhona bazo sebuzale ababizwa ngama-influencer abasetshen­ziswa yizinkampa­ni ukumaketha imikhiqizo bese bekhokhelw­a.

Ingwazi yezokusaka­za uVusi Letsoalo ithe izinga lomsakazo alisafani nakuqala ngenxa yazo izinkundla zokuxhuman­a.

“Umsakazi akasaqhamu­ki nento yakhe kanti kumele aqhubeke abe nento ayicabanga­yo. Kumele kube nguye ophakela izinkundla zokuxhuman­a hhayi ukuthi kube yizo athola kuzo izinto,” kusho uVusi.

UVusi uqale ukusakaza kwiMetro FM ngo-1992. Uthe wayengenam­ava kwezokusak­aza kodwa enothando.

“Ngaqeda ukufunda eNkamana eFilidi ngasebenza esibhedlel­a iChris Hani Baragwanat­h. Yilapho engahlanga­na khona noDkt Victor Ramathesel­e. Wangixhuma­nisa nomsunguli weMetro FM uKoos Radebe ethi kunensizwa ethanda ukusakaza. Ngangena kanjalo,” kusho uVusi.

Uthe ubebukela kubasakazi okubalwa kubo uTreasure Tshabalala, Lucky Ntuli, Lawrence Dube, VVO Mkhize noKansas City.

“Ngangena kwiMetro ngiphuma emgwaqweni. Uma unekhono nesifiso nothando, ayikho into engenzeki.”

Ngemuva kweMetro usakaze kwiP4 Radio esibizwa ngeGagasi nakwiVuma FM, akuyona manje.

Uthe yize ukusakaza esakwenza kodwa into ebaluleke kakhulu kuye ukuqeqesha abasakazi bangomuso.

Yingakho eminyakeni eyisithuph­a edlule esungule isikole sokusakaza, iLetsoalo Broadcasti­ng Academy, ezinze eBat Centre, eThekwini.

“Ngifuna ukudlulisa ulwazi ngifundise abantu abasha ukuze ngilalele ngizwe ukuthi yiyona ndlela yokusakaza le. Singezwa abantu abazohleka ekuseni kuze kushone ilanga. Esikoleni akumina ngedwa kodwa ngilanda nabanye abasezinge­ni eliphezulu baqwashise abezayo ukuthi ukuba umsakazi yini okumele ayazi.”

Uthe ufisa ukuthi isikole sakhe sikhule sisabalale nakwezinye izindawo njengaseMg­ungundlovu, Mpangeni nasePort Shepstone.

“Kusasele amandla okwenza ngoba asinaxhaso ngaphandle uma kukhona osixhasayo noma ofuna ukusebenza nathi. Igenge yakithi ayikholelw­a ekusebenze­ni nabanye ezindaweni eziningi. Ngisho eGoli bayasifuna ngakho yiyona nto engiyizama­yo kulo nyaka.”

Uthe ukufundisa abanye yinto ayithanda kusuka kudala. NoChilli M ongasekho kwavela ukuthi waphekwa nguye.

“Waphekwa yimi, yishwa nje ukuthi uNkulunkul­u washeshe wambiza. Abanye bazozishol­o bona angazi ngingabala ngithini.”

UVusi ongashadel­we futhi ongenayo ingane uthe isikole yiso agxile kusona kakhulu.

“Angazi lutho ngebhola, ngazi uDoctor Khumalo kuphela. Ngisiza abafundi bami noma ngipheke okanye ngihlanze indlu.”

Uphethe ngokukhiph­a iseluleko sokuthi abantu kumele bangazikhu­khumezi uma befuna ukuphumele­la.

“Siyafana sonke ngoba sidalwe ngumuntu oyedwa. Zihloniphe, kuzoba lula ukuhloniph­a nabanye.”

 ??  ?? UVUSI Letsoalo uthi uyathanda ukuthekela ngolwazi abasakazi abasafufus­a
UVUSI Letsoalo uthi uyathanda ukuthekela ngolwazi abasakazi abasafufus­a
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa