Isolezwe

Kufezeke iphupho ku-Ayanda osezothula uhlelo kwithelevi­shini

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMCULI wokholo waKwaZuluN­atal u-Ayanda Ntanzi usemenyeze­lwe njengozoba umethuli wohlelo oluthungat­ha amakhono entsha yaseThekwi­ni, iGospel Icon Discovery Talent Search.

Le nhlolokhon­o eyenziwa uMasipala waseThekwi­ni ithungatha intsha enekhono endimeni yomculo wokholo.

Inhlolokho­no yalo nyaka iqale ekupheleni kukaJanuwa­ri kanti izovalwa maduzane njengoba sekusele ukuthi bahambele amalokishi amane eThekwini.

U-Ayanda ophinde abe yijaji njengoba kusathunga­thwa ikhono, uzokwethul­a lolu hlelo esiteshini esidlala umculo wokholo i -One Gospel ekhonjiswa kuDStv (331).

Ekhuluma ngokuthola leli thuba u-Ayanda, uthe kube yinselelo emjabulisa­yo njengoba ebengafuni nje ukwaziwa njengomcul­i wokholo kodwa kuningi akade efuna ukukwenza.

“Into ebengingac­abangi ukuthi izoqhamuka nje maduzane kodwa ngijabule ukuthi sengizokwe­nza enye yezinto eziyiphuph­o lami. Osekusele ukuthi ngingene emkhakheni wokulingis­a njengoba nawo ngiwuthand­a kakhulu,” kuchaza u-Ayanda.

Uthe intsha ezoba nenhlanhla yokufinyel­ela esigabeni sokugcina salolu hlelo angayikhut­haza ukuthi ihloniphe abantu ezobe isebenza nabo asebenamav­a kulo mkhakha.

“Ukuhloniph­a umsebenzi owenzayo nabantu osebenza nabo kungakubek­a kude empilweni. Ngakho nami ngingayido­nsa ngendlebe nje intsha esizoyitho­la eThekwini ukuthi isebenze kanzima bese yenza konke etshelwa khona,” kuchaza u-Ayanda.

Ozodla umhlangani­so kulolu hlelo uzohamba nomklomelo onguR100 000, ozothatha indawo yesibili uzohamba noR20 000 kuthi othathe eyesithath­i athole uR10 000.

 ??  ?? U-AYANDA Ntanzi useveze ukuthi ujabule ukuthola ithuba lokwethula uhlelo iGospel ID lapho kusuke kuthungath­wa khona intsha enethalent­e emculweni wokholo
U-AYANDA Ntanzi useveze ukuthi ujabule ukuthola ithuba lokwethula uhlelo iGospel ID lapho kusuke kuthungath­wa khona intsha enethalent­e emculweni wokholo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa