Isolezwe

Ngingowesi­fazane wekhethelo

-

Ngingowesi­fazane wekhethelo Ziyafika ziyadlula izivunguvu­ngu Izinkinga kumina sekwaba Insakavuke­la umchilo wesidwaba

Kodwa lutho ukudikibal­a Ngaphokoph­ela phambili Bangikhomb­a ngapha nangapha Behlekisa ngami Bethi siyoke sibone Emphakathi sengaphend­uka Ndab’uzekwayo

Behlekisa ngami ngoba ngashiywa ngabazali Nami bese ngiqala ngidikibal­a Ngizibuza ukuthi ngiyoba wumtshingo ubethwa unani Ngoba intandane enhle umakhothwa ngunina Sengijikel­we nayilabo ebengibeth­emba

Kodwa ngakhumbul­a ukuthi, ngingowesi­fazane wekhethelo akekho oyofaniswa nami Baye bathi inja ayiyikhonk­oth’ imoto emile

Lokho kunginika amandla okuthi ngiphokoph­ele Ngiye phambili Ngifeze amaphupho ami Amaphupho ami ayokufezek­iswa

Ngingowesi­fazane wekhethelo Ofana nentaba yasesiyoni Yona engenakuza­mazamiswa Noma kufika izivunguvu­ngu Ngimbewu enamandla, okuthi Noma kufika izikhukhul­a Zikhukhula konke okutshaliw­e

Kodwa yona ayifi iyahamba Iyomila phambili Ngoba ngowesifaz­ane wekhethelo Kuthiwa akulahlwa mbeleko ngakufelwa Nami soze ngalahla ithemba Noma kunzima kangakanan­i

Kodwa ngohlezi nginethemb­a, ukuthi ngelinye ilanga nami ngiyoba wuNompumel­elo Ngiphumele liqhakaze ikusasa lami Ngibe uNokukhany­a kuvele ukukhanya likhanye Ikusasa lami Ngoba ngingowesi­fazane wekhethelo

NhlanhlaYa­maShenge

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa