Ngingowesifazane wekhethelo
Ngingowesifazane wekhethelo Ziyafika ziyadlula izivunguvungu Izinkinga kumina sekwaba Insakavukela umchilo wesidwaba
Kodwa lutho ukudikibala Ngaphokophela phambili Bangikhomba ngapha nangapha Behlekisa ngami Bethi siyoke sibone Emphakathi sengaphenduka Ndab’uzekwayo
Behlekisa ngami ngoba ngashiywa ngabazali Nami bese ngiqala ngidikibala Ngizibuza ukuthi ngiyoba wumtshingo ubethwa unani Ngoba intandane enhle umakhothwa ngunina Sengijikelwe nayilabo ebengibethemba
Kodwa ngakhumbula ukuthi, ngingowesifazane wekhethelo akekho oyofaniswa nami Baye bathi inja ayiyikhonkoth’ imoto emile
Lokho kunginika amandla okuthi ngiphokophele Ngiye phambili Ngifeze amaphupho ami Amaphupho ami ayokufezekiswa
Ngingowesifazane wekhethelo Ofana nentaba yasesiyoni Yona engenakuzamazamiswa Noma kufika izivunguvungu Ngimbewu enamandla, okuthi Noma kufika izikhukhula Zikhukhula konke okutshaliwe
Kodwa yona ayifi iyahamba Iyomila phambili Ngoba ngowesifazane wekhethelo Kuthiwa akulahlwa mbeleko ngakufelwa Nami soze ngalahla ithemba Noma kunzima kangakanani
Kodwa ngohlezi nginethemba, ukuthi ngelinye ilanga nami ngiyoba wuNompumelelo Ngiphumele liqhakaze ikusasa lami Ngibe uNokukhanya kuvele ukukhanya likhanye Ikusasa lami Ngoba ngingowesifazane wekhethelo
NhlanhlaYamaShenge