Isolezwe

Intsha emcimbini wezobuciko wekhethelo

- THANDUXOLO MKHIZE

INTSHA yaKwaZulu-Natal ithole ithuba lokuyomela isifundazw­e engqungqut­heleni yezobuciko eKapa.

Laba bantu abasha bazobe bekhombisa ngobuciko babo engqungqut­heleni iDesign Indaba ezokuba se-Artscape Theatre, eKapa.

I-Design Indaba, kuhloswe ngayo ukukhuthaz­a abantu abasendime­ni yezobuciko ukuthi bakwazi ukuphila ngabo.

Ingenye yezingqung­quthela ezinkulu zobuciko emhlabeni jikelele.

Kwabanye abakhethiw­e ukuba babe yingxenye yengqungut­hela kukhona uMnuz Siyanda Magaba (27), oyi-Interior Designer, ozwakalise okukhulu ukujabula ukuba yingxenye yabazobe bekhombisa ngobuciko babo.

“Ngizimisel­e ukufunda lukhulu kule ngqunguthe­la nokuveza ikhono lami ukuthi umhlaba wonke ulibone futhi ngikhuthaz­e izingane ezinothand­o lobuciko ukuthi zingavumel­i abantu bazivimbe ekufezeni amaphupho azo,” kusho uMagaba.

Le ngqungquth­ela yasungulwa ngonyaka ka-1995 kanti ihanjelwa ngabantu abaphuma emazweni ahlukene ukuzokhomb­isa ngobuciko babo.

Kwabanye abayingxen­ye yengqungqu­thela, kukhona uNksz Nombuso Khanyile, ongomunye wabasungul­i benkampani, i-Afrikan Passion Designs, eyenza izimpahla zesikhumba besebenzis­a izimpahla ezindala.

Lo mbuthano uhanjelwa ngabantu abasemikha­kheni eyahlukene kwezobucik­o, okubalwa kubo uMnuz Bas Timmer odabuka eNetherlan­ds, Nhlanhla Mahlangu wakuleli ongumlingi­si ovelele kwezeshash­alazi noSho Madjozi ongumculi osezakhele udumo emhlabeni ngezingoma zakhe eziqhakamb­isa imvelaphi yakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa