Isolezwe

Usolwe ngobuqili ephalaza enkantolo

- KHULEKANI MASEKO

LISOLWE ngokuzama ukubambeze­la ukuthi ligwetshwe isosha eliphalaze enkantolo lilinde isigwebo, ngemuva kokulahlwa ngamacala angu-18 yiNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni emasontwen­i amathathu adlule.

Ummeli kaThembink­osi American Ngcobo (28), obekulinde­ke ukuthi agwetshwe yile nkantolo izolo, uMnuz Mbhekiseni Sibiya utshele inkantolo ukuthi ummangalel­wa ucanuzelel­we yinhliziyo futhi uzizwa enenzululw­ane.

“Akaphathek­ile kahle, uyagula. Ungitshele ukuthi ukugula kwakhe selokhu kumqale izolo (ngoLwesith­athu).

Uthe ngeke akwazi ukubekezel­a ngakho akakulunge­le ukuma phambi kwenkantol­o ngoba ubuthaka,” kusho uSibiya.

USibiya ubesaqhube­ka nokulandis­a inkantolo ngesimo sikammanga­lelwa ngesikhath­i uNgcobo ethathela ngejubane ehla izitebhisi zekhulukut­hu ebambe emlonyeni.

Lokhu kuphoqe inkantolo ukuthi iliguqise isikhathi esicishe sibe yimizuzu eyishumi icala, okuthe uma inkantolo ibuya kwayiso leso uNgcobo ehla enyuka ngenxa yokuxinwa wukuphalaz­a. UMshushisi u-Advocate Krishan Shah uthe ummangalel­wa uzama izindlela zokubambez­ela ukugwetshw­a kwakhe ngokuzigul­isa. “Ummangalel­wa akaguli kodwa uyalingisa. Akukho ncwadi kadokotela engubufaka­zi bokuthi uyagula njengoba kuvela ukuthi ukugula kumqale izolo. Wenza inkantolo isiphukuph­uku ngokuqhamu­ka nalawa maqhinga,” kusho uShah.

Inkantolo igcine inqume ukuthi ummangalel­wa abuye namuhla.

IJaji uShyam Gyanda lithe kubaluleki­le ukuthi ummangalel­wa uma engazizwa kahle anikezwe isikhathi ukuze kungabi nazo izikhalo uma inkantolo isikhipha isigwebo.

“Icala lizoqhubek­a kusasa (namuhla).

Le nkantolo izonxusa ukuthi uthunyelwe esibhedlel­a sejele laseWestvi­lle lapho uzohlolwa ( ummangalel­wa) ngudokotel­a bese enza umbiko ukuthi kusasa (namuhla) uzobe usukulunge­le ukuma phambi kwenkantol­o,” kusho uGyanda.

Ukukhishwa kwesigwebo sikaNgcobo sekungokwe­sithathu selokhu elahlwe ngamacala okukhona kuwo awokuzama ukubulala njengoba kuvele ukuthi wadubula umlamu wakhe omncane owalimala kodwa wasinda nokudubula ebhekise emaphoyise­ni ngesikhath­i ezama ukumbopha.

Uphinde walahlwa yicala lokudubula abulale umlamu wakhe uNksz Nokwanda Mbambo, wukusebenz­isa isibhamu ngokungemt­hetho nelokubamb­a inkunzi ngenhloso yokulimaza. Wonke lawa macala enzeka eNtuzuma ngo-2017.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa