Usolwe ngobuqili ephalaza enkantolo
LISOLWE ngokuzama ukubambezela ukuthi ligwetshwe isosha eliphalaze enkantolo lilinde isigwebo, ngemuva kokulahlwa ngamacala angu-18 yiNkantolo eNkulu yaseThekwini emasontweni amathathu adlule.
Ummeli kaThembinkosi American Ngcobo (28), obekulindeke ukuthi agwetshwe yile nkantolo izolo, uMnuz Mbhekiseni Sibiya utshele inkantolo ukuthi ummangalelwa ucanuzelelwe yinhliziyo futhi uzizwa enenzululwane.
“Akaphathekile kahle, uyagula. Ungitshele ukuthi ukugula kwakhe selokhu kumqale izolo (ngoLwesithathu).
Uthe ngeke akwazi ukubekezela ngakho akakulungele ukuma phambi kwenkantolo ngoba ubuthaka,” kusho uSibiya.
USibiya ubesaqhubeka nokulandisa inkantolo ngesimo sikammangalelwa ngesikhathi uNgcobo ethathela ngejubane ehla izitebhisi zekhulukuthu ebambe emlonyeni.
Lokhu kuphoqe inkantolo ukuthi iliguqise isikhathi esicishe sibe yimizuzu eyishumi icala, okuthe uma inkantolo ibuya kwayiso leso uNgcobo ehla enyuka ngenxa yokuxinwa wukuphalaza. UMshushisi u-Advocate Krishan Shah uthe ummangalelwa uzama izindlela zokubambezela ukugwetshwa kwakhe ngokuzigulisa. “Ummangalelwa akaguli kodwa uyalingisa. Akukho ncwadi kadokotela engubufakazi bokuthi uyagula njengoba kuvela ukuthi ukugula kumqale izolo. Wenza inkantolo isiphukuphuku ngokuqhamuka nalawa maqhinga,” kusho uShah.
Inkantolo igcine inqume ukuthi ummangalelwa abuye namuhla.
IJaji uShyam Gyanda lithe kubalulekile ukuthi ummangalelwa uma engazizwa kahle anikezwe isikhathi ukuze kungabi nazo izikhalo uma inkantolo isikhipha isigwebo.
“Icala lizoqhubeka kusasa (namuhla).
Le nkantolo izonxusa ukuthi uthunyelwe esibhedlela sejele laseWestville lapho uzohlolwa ( ummangalelwa) ngudokotela bese enza umbiko ukuthi kusasa (namuhla) uzobe usukulungele ukuma phambi kwenkantolo,” kusho uGyanda.
Ukukhishwa kwesigwebo sikaNgcobo sekungokwesithathu selokhu elahlwe ngamacala okukhona kuwo awokuzama ukubulala njengoba kuvele ukuthi wadubula umlamu wakhe omncane owalimala kodwa wasinda nokudubula ebhekise emaphoyiseni ngesikhathi ezama ukumbopha.
Uphinde walahlwa yicala lokudubula abulale umlamu wakhe uNksz Nokwanda Mbambo, wukusebenzisa isibhamu ngokungemthetho nelokubamba inkunzi ngenhloso yokulimaza. Wonke lawa macala enzeka eNtuzuma ngo-2017.