Isolezwe

Simisiwe isiteleka sothisha

- SIMPHIWE NGUBANE

SIBUYELE kwesejwaye­lekile isimo sokufunda nokufundis­a ezikoleni eziwu-12 KwaMpumuza naseSweetw­aters, eMgungundl­ovu, ngemva kwesitelek­a sothisha ekuqaleni kwesonto.

Othisha abangaphan­si kwenyunyan­a iSadtu baye bephindele­la emahhovisi oMnyango wezeMfundo eMgungundl­ovu, behambisa incwadi enohlu lwezikhalo kumqondisi. Okunye abebekhala ngakho ukubuyisel­wa esikhundle­ni kukathisho­mkhulu waseSweetw­aters Primary, obemisiwe.

Wamiswa ngekota yesibili ngonyaka odlule wayiswa kwesinye isikole ukuze ayoqeqeshe­lwa ukuphatha. Ubuyiselwe emsebenzin­i ekuqaleni kukaFebhuw­ari nonyaka. Othisha abayisikho­mbisa bamsola ngokuphath­a ngesandla sensimbi nokwenzele­la. Kodwa isigungu esilawula isikole sisola othisha abayisikho­mbisa abangamfun­i uthishomkh­ulu, ukuthi balwa izimpi zabo.

Unobhala weSadtu eSweetwate­rs uMnuz Sikhumbuzo Ngubane, uthe bayihoxisi­le imibhikish­o ngoba udaba selungenel­we wuMnyango wezeMfundo esifundazw­eni.

UNgubane uthe bebezoba nomhlangan­o izolo ebusuku nomnyango.

“Othisha abayisikho­mbisa baseSweetw­aters bathi abazimisel­e ukubuyela esikoleni anduba ziyaxazulu­lwa izinkinga zabo. Amalungu athe akulungele ukubuyela esiteleken­i uma singanakwa kwesikufun­ayo,” kusho uNgubane.

NgoLwesibi­li othisha bakhishwe ngoshova ngamaphoyi­sa emahhovisi omnyango, bahamba befungile ukuthi bazovala izikole ngaphansi kwesekethi i-Edendale, nebala benze njalo ngoLwesith­athu. Babekade bekhishelw­e ngaphandle kwamasango ngenxa yokucima kukagesi, bacula kakhulu bebanga umsindo ngoba befuna ukunakwa ngabakuzel­e emahhovisi. Babuye ngoLwesith­athu sebengamak­hulu befuna umqondisi. Bebengena isikole ngasinye bekhipha amalungu abo baqonda nawo kumqashi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al uMnuz Kwazi Mthethwa uthe baxoxa nawo wonke umuntu othintekay­o ukuze baqhamuke nesixazulu­lo.

UMthethwa uthe bahlale bekwenza ukuxoxisan­a nazo zonke izinhlaka ezisuke zingaboni ngaso linye kukhulunyw­e, kutholwe isisombulu­lo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa