Kugingqike itekisi kwalimala abagibeli abawu-15 ngaseNewlands
KULIMALE abagibeli abangu-15 ngesikhathi itekisi abebehamba ngayo igingqika emgwaqweni onguthelawayeka uN2 ngaseNewlands izolo ekuseni.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo kwaER24 uMnuz Russel Meiring, uthe bafike lapho ebekwenzeke khona ingozi ngo-7.56 bafica itekisi ilele ngecala emzileni wezimoto eziphuthumayo.
“Abashayeli bezimoto baficwe belekelela betakula abagibeli abalimele. Abezimo eziphuthumayo banike usizo lokuqala ngesikhathi amaphoyisa elawula ukuhamba kwezimoto,” kusho uMeiring.
Uthe ngesikhathi belapha abalimele, kutholakale ukuthi abagibeli abangu-14 bathole imihuzukwana kodwa bekunowesifazane otholwe elele phakathi etekisini, elimele kanzima.
“Ukhishwe etekisini ngosizo lwabezicishamlilo. Ube eselashwa nabanye abalimele waxhunywa nemishini emlekelela aphefumule. Uphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane, abanye abagibeli bahanjiswa ngama-ambulensi,” kusho uMeiring.
UMeiring uthe ayaziwa imbangela yengozi kodwa amaphoyisa abesendaweni yesigameko ephenya.