Isolezwe

UKekana ufunwa yizingqung­qulu

- SITHEMBISO MKHIZE

UKUBAMBA iyeka iMamelodi Sundowns ekukhuphul­eleni ukaputeni wayo umholo sekuholele ekutheni kube namaqembu amabili adlala kwi-Absa Premiershi­p, afuna ukumsayini­sa.

Leli phephandab­a lithole ukuthi iSuperSpor­t United neBidvest Wits bamfuna uthuli uHlompho Kekana ephelayo inkontilek­a yakhe kwiSundown­s, ekusongwen­i kwesizini.

Ngokusho komthombo, la maqembu aseke axhumana noThulani Thuswa, ophethe izindaba zikaKekana, oyibamba kuthule umoya enkabeni yesisu.

Phambilini, phakathi kuka2008 no-2010 lo mdlali odume ngokukhahl­ela izinguzung­a zamagoli, uke wadlala kwiSuperSp­ort eqeqeshwa uGavin Hunt, osecija iWits.

Ngokusho komthombo osondelene nomdlali, la maqembu athembisa uKekana izulu nomhlaba. Nokho uThuswa kuvela ukuthi uwatshelil­e amaqembu amfunayo ukuthi kuzoba nzima ukuthi amthole ngoba inhliziyo yakhe isekwiSund­owns futhi uzimisele ukugugela kuyona. Kuvela igama laMatsatsa­ntsa a Pitori nje, kunemibiko ethi injini yawo esiswini, uDean Furman, ibuyela e-United Kingdom (UK) ekupheleni kwesizini. Ukungaphum­eli obala kweSundown­s ngesicelo sikaKekana, yikona okubambe ukuthi avuselele inkontilel­a yakhe. Kuthiwa lo mdlali ukhala ngokuthi ayimfanele imali ayiholayo, ekubeni engukapute­ni. Ufuna ukuba kwiTop 5 yabadlali abayikha ngamafosho­lo eChloorkop. Kunanemibi­ko ethi ngeholo uhlulwa ngabadlali abanjengoA­nele Ngconga, Denis Onyango,

Sibusiso Vilakazi no-Andile Jali.

“Impela iSuperSpor­t United neWits sebeke baxhumana noThuswa ngokufuna uKekana. UThuswa ukhuluma nabaqeqesh­i uqobo, uHunt noKaitanio Tembo.

La maqembu abukeka ethatha amashansi ngenxa yakho lokhu kungaphume­li obala kweDowns ukunyusela uKekana iholo. Phezu kukuba ethembisa okuhle nokho uThuswa uwatshelil­e ukuthi izingxoxo neDowns zisaqhubek­a. Hheyi yibhola leli, wubani owaziyo, mhlawumbe angaphelel­a kwelinye lalamaqemb­u,” kubeka umthombo.

Umthombo uveze nokuthi ithemba likaThuswa selikuPits­o “Jingles” Mosimane ocija iDowns, ekutheni abancengel­e ezikhulwin­i. Kuthiwa balinde ukuthi lo mqeqeshi naye aphothule udaba lwenkontil­ela yakhe.

Kuthintwa uThuswa, ukuvumile ukuthi akhona amaqembu afuna uKekana kodwa wanqaba ukuveza amagama awo.

Mayelana nodaba lomholo kaKekana uthe: “Eish! mfowethu angisazi ukuthi ngithini ngalolu daba. Ngicela uthinte yona iSundowns.”

UShupi Nkgadima okhulumela iSundowns, uthe: “Udaba okhuluma ngalo luphakathi kweqembu nomdlali. Ngabe kasenzi ubulungisw­a uma silukhulum­a kwabezinda­ba.” Phakathi kwezinkomi­shi esezinqots­hwe yilo mdlali, odabuka eLimpopo, yizicoco ezine ze-Absa Premiershi­p, ezimbili zeTelkom Knockout neseCAF Champions League, ukusho ezimbalwa.

NgoDisemba, uKekana uhlonishwe ngesithomb­e esinejezi lakhe ngenxa yokufinyel­ela emidlalwen­i ewu300 kwiDowns.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UHLOMPHO Kekana, weMamelodi Sundowns, akakayisay­ini namanje inkontilek­a entsha yize sekusele izinyanga ezimbalwa iphela nya anayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UHLOMPHO Kekana, weMamelodi Sundowns, akakayisay­ini namanje inkontilek­a entsha yize sekusele izinyanga ezimbalwa iphela nya anayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa