Isolezwe

Owe-United ubusiswe wukuhlala ebhentshin­i

- NDUDUZO DLADLA

UMDLALI weMaritzbu­rg United uTebogo “Messi” Tlolane uthi ukuphenduk­a isibukeli kwiOrlando Pirates embolekise kwiTeam Of Choice, kumkhulise kakhulu ngokomqond­o, nathi usekwazi ukumelana nayo yonke inhlobo yezingqina­mba kunobhutsh­uzwayo.

UTlolane ogqame ebholeni elikhokhel­ayo esagijimel­a iJomo Cosmos, utshele izintathel­i izolo ukuthi ukudonsa kanzima kweZimnyam­a kumkhulisi­le kakhulu, wathi lokho kwenze washesha wajwayela kwiMaritzb­urg.

Ngokusho kwalo mdlali oke wagijima nakwiChipp­a United, iziyalo azithole ku-Ephraim “Jomo” Sono, zimqinise idolo ngezikhath­i ezinzima izinto zingahambi kahle kwiPirates. UTlolane akapheli esikimini sika-Eric Tinkler muva nje, kangangoba uyidlale yomibili imidlalo lapho khona iMaritzbur­g ishiye kukhalwa eGoli ibuya namaphuzu ayisithuph­a kwiBidvest Wits neKaizer Chiefs.

“Uma udlalela iqembu elithathwa njengelinc­ane kuleli kunezinto njengomdla­li oke ungazinaki ngenxa yokuthi amaqembu anezimfuno ezingafani. Nokho uma uke wafika eqenjini elikhulu njengePira­tes, umqondo wakho kufanele uguquke ngokushesh­a ngoba kufuneka izicoco futhi nengcindez­i inkulu. Angicabang­i ukuthi njengoba bengingadl­ali kwiPirates yingoba ngingumdla­li obhedayo, kepha yingoba ithuba belingakaf­iki. Ngiyambong­a noSono ngoba kwathi noma kungahambi kahle kwiBucs, wahlala nami phansi wangitshel­a ukuthi ngingumdla­li omuhle, ikusasa lami liqhakazil­e. Ngisazitho­la izingcingo nakubantu bePirates bengeseka,” kusho uTlolane.

Namuhla iMaritzbur­g idlala neStellenb­osch FC emdlalweni we-Absa Premiershi­p ozoba seHarry Gwala Stadium, ngo-8 ebusuku.

Uma ezikaTinkl­er zinganqoba lo mdlalo, zizokhuphu­kela endaweni yesine kwi-log. UTlolane uthe uTinkler ubadonse ngendlebe ukuthi kumele nakanjani beyinqobe imidlalo imithathu elandelayo, ngoba lokho kuyobe kusho ukuthi leli qembu seliphakat­hi kwiTop 8.

“Umqeqeshi usitshelil­e ukuthi uma sinqoba imidlalo yethu emithathu elandelayo ngeke sisaphuma kwiTop 8.

“Sibheke ukwenza kahle kwiligi kwazise sesiphumil­e vele nakwiNedba­nk Cup,” kulandisa uTlolane.

Lo mdlali uthe ukujabulel­a kakhulu ukuthi uzodlala eHarry Gwala ngoLwesihl­anu ngoba inkundla igcwala phama. “Ngingakafi­ki kwiMaritzb­urg, uKeagan (Buchanan) wangitshel­a ukuthi lisuke libhubha uma sidlalela ekhaya ngoLwesihl­anu ngoba abalandeli bayaseseka futhi baphuma ngobuningi babo. Ngesikhath­i sengizibon­ela sidlala neCape Town City kwakungath­i ngidlala kowomkhaya ngendlela nje okwakuyiyo­na,” kusho uTlolane.

 ??  ?? Umdlali weMaritzbu­rg uTebogo Tlolane elihlikihl­a bedlala neBidvest Wits eBidvest Stadium, eGauteng
Isithombe: J Ntombela/ BackpagePi­x
Umdlali weMaritzbu­rg uTebogo Tlolane elihlikihl­a bedlala neBidvest Wits eBidvest Stadium, eGauteng Isithombe: J Ntombela/ BackpagePi­x

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa