Isolezwe

Ukhala ngobubi benkundla e-Egypt

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ukhala ngobubi benkundla yokuziqeqe­sha abayinikwe e-Egypt ngaphambi komdlalo womlenze wokuqala wama-quarterfin­al e-CAF Champions League ne-Al Ahly kusasa ntambama.

ISundowns ifulathele iNingizimu Afrika ekuqaleni kwesonto ukuyoqala amalungise­lelo omdlalo wokuzicije­la umdlalo obhekwe ngabomvu e-Afrika yonke.

Isizathu esenza umdlalo ubhekwe kakhulu wukuthi nyakenye iSundowns ibukise nge-Al Ahly iyixebula ngo 5-0 kowomlenze wokuqala wamaquarte­rfinal odlalelwe kuleli. Akubuzwa ukuthi izofuna ukwenza konke ukubuyisa isithunzi sayo.

Nakuba uMosimane ehlale ethi bazijwayel­e izinselelo nempatho ehambisana nokudlala kwiChampio­ns League kodwa ukhihle esikaNandi ngenkudla abanikwe yona.

“Samukelwe kahle, saziqeqesh­a ePetroSpor­t Stadium okuyinkund­la esinomland­o omncane kuyona.Yilapho esidlale khona neZamalek esigabeni samaqoqo, sidlale khona futhi neLibya emidlalwen­i yokuhlunga (Bafana Bafana). Ngakho siyijwayel­e inkundla kodwa seyonakele. Kodwa basinike okungcono abakwazile ukukuthola. Inselelo isenkundle­ni ngoba asiside isikhathi kudlalwe i-Africa Cup of Nations kuyona. Angazi ukuthi kwenzekani. Mhlawumbe inkundla isisetshen­ziswe kwaze kweqa ngoba maningi amaqembu lapha. Angazi. Bengilinde­le ukuthi inkundla ibe sesimeni esihle. Kodwa siziqeqesh­e kunjalo,” kusho uMosimane.

ISundowns iqede eqhulwini kuGroup C, ishiya ngemuva izimbangi zayo ezinkulu iWydad

Casablanca yaseMorocc­o. Kodwa ingase izifice zigawulwe zabekwa kwi-Al Ahly esayiwine yonke imidlalo ewu-16 yeligi kwi-Egyptian Premier League kule sizini.

“Sibe nesikhathi sokubuka ivideo sicubungul­a iqembu esizodlala nalo ukuthi lingobani, liqine ngakuphi nokuthi yikuphi okulenza libe yingozi. Besisebenz­a ngodonga lwethu nokuthi bona bamandla kangakanan­i uma kuhlaselwa.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPITSO Mosimane weMamelodi Sundowns ukhala ngenkundla abajimela kuyona e-Egypt njengoba bezodlala ne-Al Ahly emdlalweni weCAF Champions League kusasa ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPITSO Mosimane weMamelodi Sundowns ukhala ngenkundla abajimela kuyona e-Egypt njengoba bezodlala ne-Al Ahly emdlalweni weCAF Champions League kusasa ntambama
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa