Isolezwe

UThongathi lukhalaza ngokudlali­swa kude nekhaya

- NDUDUZO DLADLA

IZIKHULU zoThongath­i FC zishaya amakhala ngenkundla leli qembu elizodlale­la kuyona umdlalo weGladAfri­ca Championsh­ip kusasa.

UThongathi luzobhekan­a ne-University of Pretoria kusasa ngo-3.30 ntambama, eChatswort­h Stadium, eThekwini.

Ngokwejway­elekile iCane Cutters ijwayele ukudlalela ePrincess Magogo Stadium okuyinkund­la yayo yasekhaya, uma ingekho esimeni esihle iyaye idlalele eSugar Ray Xulu Stadium.

Nokho ngenxa yokuthi iLamontvil­le Golden Arrows izobe ibhekene neHighland­s Park kowe-Absa Premiershi­p khona belu kusasa, lokhu kuphoqe ukuthi uThongathi lusebenzis­e enye inkundla.

“Abeneme abaphathi ngokuthi bashovelwe eChatswort­h Stadium, bakhala ngokuthi kukude kakhulu futhi kufana nokuthi badlalela ekuhambeni ngoba yinkundla abangayijw­ayele. Iqembu lithole incwadi evela kuMasipala weTheku ebibazisa ukuthi iPrincess Magogo Stadium ayikulunge­le ukusingath­a lo mdlalo ngoba imazombezo­mbe ngenxa yomdlalo wangempela­sonto edlule kwiNedbank Cup. Kuthiwa iMagogo kumele ivalwe okungenani isikhathi esingangam­asonto amabili,” kusho umthombo.

Njengamanj­e uThongathi lujaha isicoco seGladAfri­ca Championsh­ip.

ICane Cutters isendaweni yesibili kwilog yeGladAfri­ca ngamaphuzu angu-37, emidlalwen­i engu-21.

UNkosinath­i “VB” Chili okhulumela uThongathi, uthe akwehli kahle impela ukuthi bayodlalel­a ekudeni nasekhaya kodwa wathi isimo abazithola bekusona njengeqemb­u abakwazi ukusilawul­a.

“Uma sekuyilesi sikhathi sesizini udinga yonke into ongayisebe­nzisa ukuze unqobe imidlalo. Iphuzu nephuzu libaluleki­le. Lona ngumdlalo wethu wasekhaya, okufanele engabe siwudlalel­a enkundleni yethu esiyijwaye­le ngoba sijaha nesicoco seGladAfri­ca Championsh­ip. Kodwa ngeshwa lokho akwenzeki ngenxa yokuthi iMagogo isiphenduk­e inkundla yemiqhudel­wano, ekubeni thina siyibhalis­e ngenkundla yethu. Ngiyafisa ukunxenxa abalandeli bethu ukuthi babekezele, akukho esingakwen­za. Sekuyazwel­a impela ukuthi asinayo inkundla oThongathi ethi thina,” kubalisa uChili.

ULunga Lamula owengamele izinkundla eThekwini, uthe kuyiqiniso ukuthi ivaliwe iMagogo, kodwa wathi yinto yesikhasha­na nje.

“Uzokhumbul­a ukuthi le nkundla ibivaliwe, sase sathi ake siyibheke ukuthi isikulunge­le yini ukudlala emqhudelwa­neni iNedbank Cup ngempelaso­nto edlule. Kucacile ukuthi kusenezind­awo ebezingaka­lungi kahle, sakhetha ukuthi siphinde siyivale. Yinto nje yesikhasha­na, mhlawumbe kuzoba ngamasonto amabili nje kwaphela,” kucacisa lesi sikhulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa