Isolezwe

USteve Komphela ufuna amaphuzu athi awabe wu-10

- LUNGILE MAJOKA

UFUNA ukuqoqa amaphuzu athi awabe wu-10 kwabasazow­adlalela umqeqeshi weLamontvi­lle Golden Arrows, uSteve Komphela, athi kuzobasiza ukuqinisa indawo yabo emaqenjini ayisishiya­galombili azoqeda ephezulu kwi-Absa Premiershi­p ekupheleni kwesizini.

UKomphela ukusho lokhu ngoba ekholwa wukuthi amaphuzu awu40 enele ukuthi bathole le ndawo. Sebeqoqe awu-30 emidlalwen­i ewu-21, ababeka endaweni yesishiyag­alombili.

Ufisa ukuthi amaphuzu baqale ukuwaqoqa uma sebedlala neHighland­s Park kusasa eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngo-3.30 ntambama.

“Ukuya emdlalweni niwazi amaqhinga enizowaseb­enzisa kuyingxeny­e yomdlalo kodwa futhi lokho kungenzeka kungaseben­zi njalo. Okuzodinge­ka wukuthi lona wumdlalo ozobe udle ngezikhwep­ha. Siyayazi iHighlands Park idlala ibhola elinejuban­e, iyalwa. Asazi ukuthi ukudlala kwabo imizuzu ewu-120 emvuleni kuzobaphaz­amisa kanjani. Kodwa futhi kwiHighlan­ds Park kungenzeka kungasho lutho lokho ngoba bayiqembu elizikhand­layo,” kusho uKomphela.

Ngempelaso­nto edlule iLions of the North idlale neKaizer Chiefs koweNedban­k Cup Last 16, yaze yayonqoba kumaphenat­hi.

Kodwa uKomphela uyakuqonda ukuthi nalo iqembu lika-Owen Da Gama lizofika emdlalweni we-Arrows likwazi ukubalulek­a kwamaphuzu amathathu.

“Siyalingan­a nabo ngamaphuzu. Nabo bafuna ukuqinisa indawo yabo kwiTop 8 njenganath­i. Kuzoba wumdlalo onzima, silwela amaphuzu amathathu. Inhloso yethu wukuthi emaphuzwin­i awu27 esisazowad­lalela, okuyimidla­lo eyisishiya­galolunye, sifinyelel­e okungenani emaphuzwin­i awu-40. Ngicabanga ukuthi amaphuzu awu40 azokufaka kwiTop 8,” kubeka uKomphela.

Uthe kuyamjabul­isa ukubona iqembu elakhiwe ngabadlali abanye ebebengazi­wa libanga iTop 8. Ngesizini edlule i-Arrows iqede endaweni ka-10 ngamaphuzu awu-36.

“Bayakhula (abadlali). Akekho obazi ngoLindoku­hle Mtshali, (Ntsako) Makhubelo noSifiso (Mlungwana).

 ??  ?? STEVE KOMPHELA
STEVE KOMPHELA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa