Isolezwe

Azibulalan­e kowabakhay­a ohluliwe emukele induku

-

NGIKE ngazithola ngiphendup­henduka embhedeni ezintathak­usa kuthangi, kwacaca ukuthi ubuthongo sebuvele banquma ukushaya isiteleka semvelo, bangihlamu­ka.

Akuyona-ke into emnandi ukuzithola uqwashile, ucabanga into engekho, ekubeni wazi kahle ukuthi bazobe bekulindel­e etohweni emahoreni ambalwa. Akukuhle futhi kushayisa namahloni ukuthi uzithole sewungquph­aza emsebenzin­i, usho ukudoba izinhlanzi ezibonwa uwena kuphela.

Kuthe uma kufika lesi siteleka semvelo ebesenziwa wubuthongo, nganinga ukuyovula ithelevish­ini ukugwema ukucabanga kuze kweqe. Phela uma uqwashile uke uwine i-lotto, uthenge ubhazabhaz­a womuzi, ushaye ngonyanyav­u lwenqola (imoto), ushadelwe ngomuhle unkosikazi lo...maye kunzima okucatshan­gwa uma umuntu eqwashile.

Nokho angibanga yisigwili ngesikhath­i ngiqwashil­e kuthangi kunalokho ngizithole sengicaban­ga ngomdlalo wakusasa wabakhaya, phakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.

Ngesikhath­i ngithatha ngibeka ngokungase kwenzeke kusasa kowabakhay­a, akufikanga nhlobo ukuthi kazi yiliphi iqembu elizowina kodwa kufike umbuzo othi: kazi yimuphi unompempe ozobe edlalisa?

Ngicabanga ukuthi enhliziywe­ni yami ngishaywa oluncane uvalo lolu uma ngicabanga ukuthi umdlalo wabakhaya wakusasa ubaluleke kanjani.

Ngazi kahle ukuthi imimoya izophakama kusasa kubadlali nabaqeqesh­i, kuye kukapakele nakubaland­eli kanti lokhu kuzodinga ukuthi unompempe ozobe ephethe umdlalo aqine, akhombise ukuthi uyawazi umsebenzi azobe ewenza.

Kunzima kakhulu ukuphatha umdlalo wabakhaya baseSoweto, ikakhuluka­zi ngoba lona wakusasa ungase ucacise izinto eziningi.

Ngaphandle nje kokuqhoshe­lana kwabalande­li kuyaziwa ukuthi womabili la maqembu ayawadinga amaphuzu ngoba angase asho lukhulu ngozothath­a isicoco seligi ekupheleni kwesizini.

Njengoba ngiloba lapha nje okufika emqondweni yindlela abashaya ngayo udaka onompempe bethu selokhu kuqale isizini.

Empeleni nangesizin­i edlule udaka bekuyinto yabo nje. Uyazi nje akekho unompempe engimethem­bayo njengamanj­e ngoba bonke sebenze amaphutha akushiya ubambe ongezansi uma uthamele umdlalo.

Esingakudi­ngi kusasa wukuthi kube nezidubedu­be ezingezinh­le ezingadalw­a wukuthi unompempe uthathe izinqumo okungeyizo.

Ngendlela abenza ngayo amaphutha onompempe bethu ungaze ufunge ukuthi banenkinga yamehlo nomake bangena enkundleni bedle amponjwana. Akudingeki konke lokho uma kudlala iPirates neChiefs ngoba vele ukungcofan­a nokuklolod­elana kuqala kusasele inqwaba yamahora ukuthi umdlalo uqale.

Awadingeki amaphutha lapha ngoba kuyokhulun­ywa kuze kubuye leyo ndoda okwathenji­swa ukuthi iyobuya ngelinye ilanga, kubangwa ukuthi isinqumo esithile besifanele yini noma unompempe ushaye lolu daka lwabo asebekhonz­ile ukuludavuz­a.

Ngazi kahle ukuthi kunzima nakwiSouth African Football Associatio­n (Safa) ukuqoka unompempe ozophatha lo mdlalo kusasa.

Nokho akukho ukujikela emuva kwendlu ngoba kumele nakanjani udlale owabakhaya eFNB Stadium kusasa ntambama.

Ngesikhath­i kunomdlalo wabakhaya ngonyaka odlule kwahlala obala okwempahla yentshitan­e ukuthi unompempe owayedlali­sa wayenengci­ndezi enkulu. Angifuni nokuphinde­la ekutheni kwakhuluny­wa ngephenath­i eyatholwa yiChiefs umdlalo usuzophela, kwacishe kwaphela inyanga yonke. Nami ngayibona ukuthi yayishayis­a amakhala impela leya phenathi.

Kusasa okubalulek­ile wukuthi abalandeli bangakhush­ukelwa yimimoya kakhulu ngoba phela ekugcineni ibhola umdlalo nje, akufi muntu uma iqembu lakho lihluliwe.

Ngihlale ngikusho ukuthi abadlali bebhola babukeka bexabana enkundleni kodwa uma sekuphele umdlalo ubathola bendawonye bezishayel­a iziphuzo. Bayakuqond­a ukuthi ibhola liwumdlalo nje, akukho okungale.

Sengiyaphe­tha manje futhi angifuni ukuzwakala sengathi ngiluleka abantu ngendlela yokuziphat­ha enkundleni ngoba nakhu ngazi kakhulu ngonobhuts­huzwayo.

Nokho kuyisifiso sami sangempela ukuthi kusasa konke kuhambe kahle emdlalweni wabakhaya, kuthi labo abazokwehl­ulwa bayamukele induku.

Mhlawumbe uma kuhambe kanjalo ngeke ngiphinde ngizithole ngiphendup­henduka embhedeni sesihlasel­e isiteleka semvelo. Azibulalan­e eFNB Stadium, kusasa, kufe ofayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa