Isolezwe

UMazinyo usola induku emqubeni

- LUNGILE MAJOKA

UKUBE umdlalo wabakhaya baseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs owamankoma­ne, ubungawufa­nisa nowosondon­zima.

Ngokwejway­elekile uma kuzoba nezimpi amabhokisa aba nesithanga­mi nabezindab­a lapho esuke esho ukuthi ayilungise­lele kangakanan­i impi. Okuye kugqame ngamabhoki­sa wukuthi awasabi ukusho ukuthi azoyigingq­a phansi imbangi, yilowo nalowo echoma ngamagalel­o akhe.

Kuyaye kuphele sezifuthel­ana impela lezi zinkunzi kucaca ukuthi zifisa engabe sezisering­ini.

Izolo eGoli kube nesithanga­mi nabezindab­a ngaphambi komdlalo wabakhaya okusasa eFNB Stadium ngo-3.30 ntambama.

Yilapho umqeqeshi weChiefs u-Ernst Middendorp ekubeke kwacaca ukuthi “wumbhedo” indaba yokuthi abePirates bathi abaziboni besembangw­eni wesicoco se-Absa Premiershi­p.

Kuyiwa emdlalweni la maqembu ehlukanisw­e ngamaphuzu ayisithuph­a.

I-Chiefs iqhwakele kwi-log ngamaphuzu awu-45 kuthi iPirates ihlale endaweni yesithathu. I-Mamelodi Sundowns esendaweni yesibili ayidlali kwiligi kule mpelasonto, okusho ukuthi uma eZimnyama zingawina zinganyuke­la endaweni yesibili kwi-log bese ziba ngemuva ngamaphuzu amathathu ezimbangin­i zaseSoweto.

Kuleli sonto wonke umuntu wePirates obebuzwa ngethuba layo lokunqoba isicoco ubephika alale ngomhlane. Kusukela kwiphini lomqeqeshi uFadlu Davids, wukaputeni uHappy Jele nonozinti uWayne Sandilands, bebethi nje bona bazibhekel­e amaphuzu amathathu nje kuphela kwiChiefs kodwa abayingeni eyombango wesicoco.

Nayizolo umqeqeshi weBucs, uJosef Zinnbauer, uqhubeke kulelo vangeli.

Ebuzwa ukuthe ngabe amaphuzu amathathu kulokhu abaluleke kakhulu ngenxa yethuba asebenalo lokunqoba iligi, uthe: “Emasontwen­i ayisishiya­galombili edlule akekho obethi sinethuba lesicoco. Manje senithi ‘sinethuba lesicoco’. Cha sinethuba lamaphuzu amathathu. Ngingowoku­gcina ukuthi ngithi asisifuni isicoco. Bonke abadlali bayasifuna isicoco. Uma sinalo ithuba sizolithat­ha. Sinalo ithuba lokuthatha amaphuzu amathathu. Akusona isikhathi esikahle ukukhuluma ngesicoco.”

UMiddendor­p uthe akungatsha­zwa ukuthi izindawo ahleli kuzona womabili amaqembu kulokhu zifana nesinye isinongo esenza umdlalo uhehe kakhulu kunakuqala.

“I-Kaizer Chiefs ayikaze ibe kule ndawo ekuyona eminyakeni emihlanu. Kithina kufana nento entsha. Mhlawumbe hhayi kwabanye abadlali asebeke badlala kowomkhaya iminyaka. Kodwa izindawo esikuzona, zenza lokhu kwehluke. Ngeke ngingene kulolu gibe (lokuthi iPirates ayikho embangweni). Ngiyezwa kuthiwa iKaizer Chiefs ifuna isicoco kodwa iPirates ayisifuni. Angikaze ngiwuzwe umbhedo ofana nalona kulezi zinsuku ezedlule,” kusho uMiddendor­p.

Ukube bekungabas­hayi sibhakela akungatsha­zwa ukuthi uMiddendor­p ngabe uwunqobile lo mzuliswano wabezindab­a njengoba ubephumela obala ngezinhlos­o zabo zokunqoba isicoco ekupheleni kweligi ngesikhath­i umkhaya wakhe waseGerman­y, ebuye wagcizelel­a ukwakhela isizini ezayo.

Nokho bobabili abaqeqeshi bavumelene ngokuthi balindele umdlalo onamagoli njengoba womabili amaqembu ephethe abadlali abahamba phambili ngamagoli. I-Pirates ezobe ingosokhay­a igabe ngoGabadin­ho Mhango onamagoli awu-14 kwiligi. KuMakhosi kukhona uSamir Nurkovic osevalele awu11. Umzuliswan­o wokuqala weligi waphuma namagoli amahlanu kunqoba iChiefs ngo 3-2.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer no-Ernst Middendorp, weKaizer Chiefs ngesikhath­i kunesithan­gami nabezindab­a eSuperSpor­t Studios, eGoli, izolo emini
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer no-Ernst Middendorp, weKaizer Chiefs ngesikhath­i kunesithan­gami nabezindab­a eSuperSpor­t Studios, eGoli, izolo emini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa