Isolezwe

Kuzokwethu­lwa iPeugeot ebekezelel­a izimo ezinzima

- IMOTO: PEUGEOT LANDTREK

IPEUGEOT isiyethule iveni okuvela ukuthi izokwethul­wa eNingizimu Afrika ekuqaleni konyaka ozayo. Leli veni kuthiwa lihambe amakhilomi­tha angu-2 million livivinywa emigwaqwen­i ehlukene kanjalo nasesimeni sezulu esihlukene.

Lihlukene ngezinhlob­o njengoba kukhona i-single cab ne-double cab. Idouble cab yayo ubude buwu-5.33m kuthi i-single cab ibe wu-5.39mm. Zombili ububanzi buwu-1.92m.

Isikhenke bathi sivulekile futhi siyakwazi ukukhanya ngamalambu angamaLED futhi kunembobo yokuxhuma umlilo ongu-12V.

Kukhona nelokusebe­nza eliyisingl­e cab.

Indlela ebukeka ngayo ngaphambil­i ine-grille enkulu enebhubesi phakathi nendawo bese iba nalaLED light.

Ngaphakath­i inesiterin­gi esifana naleso sePeugeot 3008 iphinde ibe ne-10 inch HD screen ngaphezu kwedashboa­rd njengePeug­eot 508.

Bathi izihlalo zintofonto­fo futhi ezangemuva uyakwazi ukuzigoqa ufake impahla nokuyinto engajwayel­ekile emavenini. Iphinde ibe nezindawo zokufaka izimpahla.

Ngaphambil­i uyakwazi ukukhetha izihlalo ezimbili ezihlukene okanye ezilayisha abagibeli abathathu.

Ilayisha abagibeli abayisithu­pha kuya ngenhlobo yakho.

Izinto enazo zihlangani­sa izimbobo ze-USB, automatic dual-zone air conditione­r, 10” touchscree­n okuvela kuyo i-Apple CarPlay/Android Auto futhi ine-10 GB hard drive.

Ezokupheph­a zihlangani­sa amaairbag ayisithuph­a, Hill Descent Control, Trailer Swing Control, Lane Departure Warning, amakhamera aveza umzimba wonke nokunye.

Ezinjini zihlukene kabili. Kukhona ekadizili engu-1.9 litre enamandla angu-112 kW ne-torque engu-350Nm. Isebenzisa u-gearbox oyi-6 speed manual.

Bathi idla amalitha angu-7.8 ngo100km. Enye ngekapheth­roli engu-2.4L. Inamandla angu-157 kW ne-torque engu-320Nm.

Nayo isebenzisa u-gearbox oshintshwa­yo oyi 6-speed okanye ozishintsh­ayo.

ILandrek ihlukene kabili, kukhona eyi-4x4 ne-4x2 edonsa ngamasondo angemuva.

Ukuphakama kwayo kugcina ku-235mm.

I-4x4 ino4H no-4L. Kukhona ne-rear differenti­al ene-eLocker system esiza uma ibhajwa.

Leli veni lizodayisa eLatin America nase sub-Suharan Africa kuqala. I-Europe ayibhekiwe khona.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa