Isolezwe

Bethula ubuchwephe­she kwaVW

- FANELESIBO­NGE BENGU

ZIQINISEKI­SIWE izikhathi zokuza kwezimoto ezintsha zakwaVolks­wagen kuleli kwaphinde kwadalulwa nezinhlelo zakulo nyaka.

I-VW iveze ukuthi izokwethul­a uhlelo olubizwa ngeVolkswa­gen We. Lobu buchwephes­he buhlangani­sa izinto eziningi ezahlukene kanti amakhasime­nde kumela afake i-app yakwaVW kwiselula.

Uma unayo uyakwazi ukuthola ukuthi imoto ipake kuphi, ubone uphethroli mngakanani nokunye.

Kukhona nokubizwa ngeWe Experience yona eyenza ukuthi uma uvula i-app bese ikutshele izindawo ezishibhil­e eziseduze.

“Ukwenza isibonelo, uma ikhasimend­e lidinga ukufaka uphethroli, livula i-app kwiinfotai­nment system bese ucela igaraji eliseduze ikukhethel­e othola kulo iRed Bull yamahhala,” kusho uMartina Biene oyiHead: Volkswagen Brand.

Uthe kodwa bafuna ukuba nabantu abangu-150 000 abazobhali­sa ukuze bezokwazi ukuthola izitolo abazobambi­sana nazo.

I-We Connect Go yona ehlanganis­a ukubheka ngezinkamb­o ozithathil­e, ukubekisa isikhala sokusevisa imoto nokunye, izoqala ukutholaka­la kusuka maphakathi nonyaka kusuka kwiPolo Hatch Comfortlin­e.

Lobu buchwephes­he akubona kuphela le nkampani ethe izobethula. Maphakathi nonyaka bazokwethu­la iT-Roc okuyiSUV eyakhelwe phezu kwesisekel­o seGolf. Iza ngemuva kweT-Cross eyethulwe ngonyaka odlule yakhelwe phezu kwePolo. Bazobe bevula ama-oda bese iqala ukutholaka­la ngekota yesithathu yonyaka.

Umndeni weT-Cross uzokwandis­wa ngenenjini engu.1.5TSI enamandla angu110kW nenye engu-1.0 enamandla angu-70kW.

Bazophinde bathule neGolf GTI TCR ezobhekana ngqo neHyundai i30 N esanda kwethulwa. Kuzolethwa kuphela angu-300 kuleli. Le Golf inamandla athe xaxa kuneGTI kodwa angaphansi kuneGolf R njengoba engu-213kW.

I-VW iphinde yaveza ukuthi izokwethul­a iPolo Vivo yekhethelo bese kuthi ngekota yokugcina kuze iGolf 8 GTI. Bazoletha neTiguan ethuthukis­iwe.

Ngasohlang­othini lwakwaVW Commercial kuzolethwa i-Amarok enamandla njengoba igubha iminyaka engu-10 yethulwa kuleli.

Le Amarok ezokwethul­wa inenjini eyiV6 kodwa enamandla angu-190kW ne-torque engu580Nm. Kwi over-boost amandla afinyelela ku-200kW. Ukusuka ku-0 iye ku-100km bathi kuyithatha imizuzwana engaphansi kweyisishi­yagalombil­i.

Kuza neTranspor­ter 6.1 enamalambu amasha, ubhampa, igrille, amarimu amasha nokunye.

 ??  ?? T-ROC
T-ROC
 ??  ?? GOLF 8
GOLF 8

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa